Kucetshiswe abaka-matric ngezimbangela zokufeyila

282

Abafundi bathi sebekulungele ukubhala izivivinyo zabo

ABAFUNDI bakamatikuletsheni baseMacingwane High School, eMsinga, befunda ebusuku belungiselela izivivinyo zokuphela konyaka.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

MTHOBISI SITHOLE
LIVEZA enye yezimbangela zokufeyila kwabafundi bakamatikuletsheni isekela likathi-shanhloko wesinye sezikole ezenza kahle KwaZulu-Natal, njengoba sesithole u-100% iminyaka emithathu ilandelalana. UMnu Nhlakanipho Ndebele, oyisekela likathishanhloko waseMacingwane High School, eMsinga, uthi enye yezinto edala ukuthi abafundi bafeyile, wukuhluleka wukuhlela kahle isikhathi sabo.Ukhuluma kanjena nje, umatikuletsheni uyaqala ukubhala mhla ka-31 kwephezulu. Utshele ILANGA ukuthi bayaziqhenya ngomatikuletsheni wabo wanonyaka kwazise indlela abafundi abaphase ngayo kusukela esigabeni sokuqala sonyaka, ibenza bangabi novalo.


Utshele ILANGA ukuthi nakanjani bazowuthola u-100% nakulo nyaka. “Uma sibaqeqesha sigxila kakhulu ekubabhaliseni amaphepha ezivivinyo zeminyaka edlule ukuze sibafundise ukuqaphela isikhathi, angabikhona umfundi ozoshiywa yisikhathi. Kwesinye isikhathi kuyenzeka umfundi afeyiliswe wukuthi uhlulwe wukuhlela isikhathi ngendlela efanele,” kusho uMnu Ndebele. Uthe imfihlo yabo yokuphasa kahle wukuthi babambisene nomphakathi okubalwa nabazali. Abafundi bakulesi sikole abakhulume neLANGA, bahambe emazwini kaMnu Ndebele, bathi kabanalo nakancane uvalo ngezivivinyo zokuphela konyaka.


Bakubeke kwacaca ukuthi izimo zalo nyaka ziyabavumela ukuba benze kahle kakhulu. USduduzo Mabaso (18), utshele ILANGA ukuthi bazilungiselele ngokwanele ukubhekana nezivivinyo. Uthe akukho okubaphazamisile okwenza bathuke izanya ngokufika koka-31 kuMfumfu (October). “Kusukela kuqala unyaka, besifunda ngokuzimisela futhi nothisha bethu belokhu besedune kwethu. Indlela okulungiselelwe ngayo lezi zivivinyo, kasesabi lutho ngoba kalipheli isonto lingekho iphepha elibhalwayo esihlolwa ngalo ngaphakathi esikoleni sethu,” kusho uSduduzo. UNomaswazi Nxumalo uthe igiya abavule ngalo selokhu kuqale unyaka, yilona elenza baziqhenye ngokuthi bakulungele ukubhala. Uthe sonke isikhathi abebesithola, bebeqinisekisa ukuthi ba-sisebenzisa ngendlela efanele. “Sizinikele kakhulu emsebenzini wethu, futhi kasifuni ukwehlisa izinga isikole esiphasa ngalo,” kusho yena. Lesi sikole sinomatikuletsheni owu-115 kanti sesihlale ku-100% kusukela ku-2019 eMsinga.mthobisis@ilangane-ws.co.za

Previous articleUchashwe ngenhlamba oweChiefs
Next articleUvalo kubulawa (4) behlela umcimbi we-IFP