Kuchithiwe ukusetshenziswa kwengonyuluka eqoshiwe kwelikaMeyiwa

229

THANDOLUHLE NGUBO

KUCHITHIWE yiNkantolo eNkulu yasePretoria ukusetshenziswa kwenkulumo eqoshiwe njengengxenye yobufakazi ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana. Le nkulumo yaqoshwa ngufakazi wombuso, uNkk Vivian Cronje, oyimantshi ehhovisi eliseVolsloorus  ngaphansi kweNkantolo yaseBoksburg, lapho ummangalelwa wesibili uBongani Ntanzi ‘evuma’ icala lokubulawa kukaMeyiwa.

Ijaji, uMnu uRatha Mokgoatleng, liveze ukuthi inkantolo iyakuchitha ukusetshenziswa kwale nkulumo, laveza ukuthi yatholakala ngokucindezelwa kwelungelo lommangalelwa lemfihlo nesithunzi.

“Umbuso ukuvezile ukuthi uyazi ukuthi inkulumo yaqoshwa ummangalelwa engaziswanga, ngakho-ke inkantolo iyakuchitha ukusetshenziswa kwayo njengengxenye yobufakazi, ngoba lokho kuzohlukumeza  ilungelo likammangalelwa lokushushiswa ngendlela efanelekile,” kusho ijaji.

Kwesokunxele nguBongani Ntazi kanti kwesokudla kuSenzo Meyiwa

Previous articleSibanjiswe yiphenti isihlobo “esidlwengule, sabulala” itshitshi
Next articleUmasipala uvuma ‘iphutha’ kolwezindlu zangasese