KUCHITHWE EYOKUXOSHWA KUKAKHUZANI

921

MTHOBISI SITHOLE

USOLE imbangi yakhe enkulu, okunguMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, ngobubhimbi umculi kamaskandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose emuva kokuba (iGcokama) libhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi emahhovisi amakhulu esitolo sezimpahla sakwaJonathan D – uKhuzani ayinxusa laso amabhodi nemibhalo kushintshile, yaveza udonga obelubhalwe igama likaKhuzani sekubhalwe elayo. 

Liqhubekile iGcokama labhala ukuthi adiliziwe amabhodi, kalisenayo imbangi emculweni, ngisho abelungu abamhlophe sebeliphosile ithawula ekuliqhathaniseni. 

Lo mbhalo uhlaziyeke kwabaningi ngokuthi uKhuzani akaselona inxusa kulesi sitolo kanti ngoMsombuluko iGcokama belidalule ukuthi kunomhlangano elinawo nezikhulu zalesi sitolo. 

IGcokama lona liyinxusa lesitolo iCutty. Zombili lezi zitolo – iJonathan D neCutty – zingaphansi kweGA Creative Brands. Umqondisi walesi sitolo, uMnu Gavin Abro, utshele ILANGA ukuthi akulona iqiniso ukuthi uKhuzani akasasebenzisani nabo. 

“Sekulula kakhulu ukusabalala kwamanga kulezi zinsuku ngenxa yezinkundla zokuxhumana. Lokhu okukhulunywayo akulona iqiniso. Akukho okushintshile, uKhuzani uyinxusa kwaJohnathan D kanti uMthandeni uyinxusa kwaCutty,” kusho uMnu Abro. 

Ebuzwa uKhuzani ngokusabalala kwezindaba zokuxoshwa kwakhe kulesi sitolo, uthe kuyamxaka lokho ngoba kumele ngabe uMthandeni unaka amagidangoma akhe asebalekile. 

“Kuyasho nje ukuthi akayena umculi, uthole ithuba lokuzokhohlisa abantu ethi uyacula engakwazi ngenxa yokugijimisa imali. 

“Ngokwazi kwami, nguyena owaxoshwa ebunxuseni ngoZibandlela (December) nyakenye, akaselona inxusa ngokugcwele, usehola ngekhomishini ka-5% ngoba bemdayisela izimpahla zakhe, yingakho ekhululwa ukuthi agqoke lonke uhlobo lwempahla engenalo igama lakwaCutty. 

“Akagcinanga lapho wajika wayongivala kubelungu ukuthi ngingakhulumi ngokuxoshwa kwakhe. Yena ngabe unaka amagidangoma akhe lawa asebalekile ngenxa yokungawaholeli,” kusho uKhuzani. 

IGcokama lithe kalizange libize igama lamuntu, kuthunukale enenxeba.

“Mina into ebengiyigqamisa ngeyokuthi kangisafuni ukuqhathaniswa emculweni ngoba abelungu bebezama ukukhangisa ngegama lomunye umculi, bagcina bewususa umbhalo onegama lakhe ngenxa yokuthi sekucacile ukuthi okuneGcokama kuyathandwa,” kusho iGcokama.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleUMosimane uqwashiswa yiKaizer Chiefs
Next articleUSjava ugonyuluka ngoZamar