Kucishe kwaqhuma iqupha kokaDinuzulu kubangwa umbhobho

297

JOHN HLOHLWA

KUCISHE kwaqhuma iqupha esikhumbuzweni seSilo uDinuzulu kaCetshwayo, ngesikhathi abaholi abadumile baKwaZulu-Natal – uMnu Sboniso Duma ongusihlalo we-ANC kulesi sifundazwe noNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi – bebanga umbhobho. UButhelezi uthathe umbhobho wakhuluma engagunyaziwe, okwenze uDuma wathukuthela wathelwa ngamanzi, wawuhlwitha umbhobho.

Lo mdonsiswano ushiye iSilo uMisuzulu kaZwelithini noMengameli Cyril Ramaphosa bengazi nokuthi bathini. UButhelezi ugcine ekhume ngenkani.

Previous articleUngene ehlazweni umasipala “okweletayo” kushaqwa impahla
Next articleUshayelwe ihlombe umsebenzi weNkandla Mayoral Cup entsheni