Kudalulwe okushaqisayo ngokaputeni weChiefs

629

Ibhande kalilona igunya lokuthola isikimu kuKhune

U-ITUMELENG Khune obuyele esikhundleni aseke wasiphatha kwiKaizer Chiefs.

SENZO SOKHELA
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur “10111” Zwane, udalula okushaqisayo ngonozinti wokuqina wale kilabhu, uItumeleng Khune okuphele isizini edlule esesizwa ngendaba isikimu eziMpofaneni. IChiefs izobhekana neRoyal AM koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-17h30 eChatsworth Stadium, eThekwini. Iya kulo mdlalo nje, isanda kumemezela uKhune njengokaputeni wayo. Ukhuza ibuya kulesi sikhundla njengoba eke wasiphatha iminyaka eminingi ngaphambi kokuba sinikwe uBernard Parker odedelwe ekupheleni kwesizini. UZwane ekhuluma komunye wemisakazo, uthe nakuba uKhune enikwe lesi sikhundla, kodwa lokho kakumniki isiqiniseko sokuthi ijezi kuzokuba ngelakhe.


“Uma ubhekisisa abadlali esibasayinisile, bonke banamagalelo okuba ngabaholi. Lokho sikwenze ngamabomu ngoba sifuna ukuthi babe ngabaholi nasenkundleni. “Iqoqo labadlali ebesinalo ngesizini edlule belingenakho lokho. Yonke le minyaka iChiefs inqoba izicoco yingoba ibinabaholi enku ndleni. UYusuf Maart unabo ubuholi kwazise ubengukaputeni weSekhukhune United noZitha Kwinika yinto efanayo njengoba ubebuye abe ngukaputeni weStellenbosch. “UKhune ubelokhu eyingxenye yezinhlaka zeChiefs, lokho kusho ukuthi ungumdlali ozohlala ekilabhini kuze kube unquma yena ukuthi useyashiya. “Uzobalekelela laba bafana ukuthi babe nozinzo kuze kube nabo bayakulungela ukuba ngabaholi.


“Sizoba nabaholi cishe abawu-7 enkundleni ngale sizini. Le nto kayikho mayelana noKhune, uzoba ngukaputeni uma esemapalini, uma engadlali, ibhande lizothathwa ngomunye, akekho umdlali onendawo ethi yena esikimini,” kusho uZwane. Kubadlali okuvela ukuthi bangase bathathe ibhande uma uKhune engekho, kubalwa uKeagan Dolly noKhama Billiat.

Previous articleUSHENGE UTHI PHANSI AMAPHAPHU NGOLOKUGCOBA ISILO
Next articleUnike umphakathi isipho somtholampilo