Kudinwe abaningi kubhuntsha umcimbi ‘wokugcoba’ amaciko

782

Bebesho ukumudla luhlaza umhleli womcimbi, bemsola ngokubaqola

UMNU Thobani Makhaza

MTHOBISI SITHOLE
INHLANZI ishelwe amanzi kuMnu Thobani Makhaza obekakiwe esolwa ngokuqola abantu ngomcimbi wakhe obizwa ngokuthi Yakhuphuka iNgqwele Coronation, ebekade kuqhudelana kuwona abasakazi, abaculi nezinyanga. Kwenzeke ingwijikhwebu ngoLwesihlanu kusihlwa sekuvela ukuthi lo mcimbi uzobanjelwa e-Olive Convention Centre, eThekwini, ekubeni kwakuthiwe uzokuba seMoses Mabhida Stadium, ogcine ungenzekanga. Okucasule abantu ngukuthi i-Olive Convention Centre bekade ingakhokheliwe, bafika baqhinqa ngaphandle, amasango evaliwe esebalekile umhleli womcimbi uMakhaza.


Uze wabanjwa yinyanga edumile uMnu Bhongolwethu Mzozo, owaziwa ngelikaDkt Khehlelezi, ehamba nonogada bakhe, bamhlanzisa lonke iqiniso phambi kwabantu. Efika okokuqala uMakhaza ubehamba ngenye imoto, okusolwa ukuthi inhloso bekuwukudukisa umkhondo ngoba ubanjwe kwenye esebaleka. UMakhaza uthe okwenze umcimbi wabanezinkinga, wukuthi ujikelwe ngabaxhasi bakhe ngomzuzu wokugcina, wabala uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho. Uthi kube khona ipolitiki ephazamise konke obekuhleliwe. Ngesikhathi esebanjwe kwamancane, ukhonjwe ngenjumbane kwathiwa makavume ukuthi ubeqola abantu nakuba ephike walala ngomhlane kulokho, wathi udayiswe abaxhasi.


Ebuzwa ukuthi uthini ngezimali zabantu abavotele le mikhakha ebekuqhudelwana kuyona nemali yamathikithi, uthe zizobuyiselwa kubanikazi bazo. Ngokuthola kweLANGA LangeSonto, uMakhaza uphucwe nemoto abehamba ngayo nezincwadi zayo ngenxa yokuthi ubetsheleke imali engango-R60000 kuKhehlelezi, wathembisa ukuyikhokha emuva komcimbi . Omunye wezinyanga, uMnu Thulani “Dr 3Seconds” Nkwanyana owayekhona kwethulwa lo mcimbi, wanxusa ukuthi konke okuthenjiswa amaciko kufanele kufezeke. Utshele leli phephandaba ukuthi kwesinye isikhathi kusetshenziswa negama lakhe ngendlela engalungile. “Ngesikhathi kwethulwa umcimbi mhla ka-7 kuMandulo (September), kube yisibonakaliso kumina njengoba ekhona namavideo aqoshiwe lapho ngithi kwesinye isikhathi kugcina sekuphuma imali yasekhaya kithi ngikhokhela abaculi sebexhashaziwe.


“Bengishilo ukuthi kunezinto eziningi ezingaqondile okubalwa ukufakwa kwegama leSilo emcimbini okuvotelwa kuwona amakhosi ezobuciko ngoba inkosi ayivotelwa,” kusho u3Seconds. Omunye wabasakazi obeqokiwe, uMonwabisi” Gudla” Bangi woMhlobo Wenene FM, uthe uphoxekile ngokusetshenziswa kwegama labasakazi ngendlela engalungile. “Abantu bavotile, kwadlalwa ngemali yabo. “Ibuhlungu ngampela lento eyenzekile,” kusho uGudla Kulo Mcimbi bebethenjiswe u-R100 000 umuntu ngamunyeozodla umhlanganiso emkhakheni aqokwe kuwona. Okunye obekade kukhangiswa ngakho, ngukuthi iSilo uMisuzulu Zulu sizobe siyingxenye yokugcoba amaciko emikhakheni yawo yobukhosi.

Previous articleUvulelwe icala uMntwana uSimakade
Next articleKubuya umdlali omqoka kwiBucs