Unobhutshuzwayo ubusazikhotha amanxeba kushona abadlali
MFANAFUTHI NDLOVU
SSEKUPHINDE kwagadla ukufa kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika emuva kokudlula emhlabeni kukaThulani “TT” Thuswa (osesithombeni) oke waba ngumxhumanisi weMamelodi Sundowns, oshone engozini yemoto eyenzeke kuM1 North, kuGrayston Drive, noMarlboro, eGoli, izolo ngeSonto ekuseni.
Kwenzeka lokhu nje, unobhutshuzwayo wakuleli usazikhotha amanxeba ngokushona kukaMotjeka Madisha owayeyisitobha seSundowns.
UMadisha washona engozini yemoto mhla ka-12 kuZibandlela (December) nyakenye elandela u-Anele Ngcogca, naye owayeyisitobha seSundowns, kodwa owa-dlula emhlabeni ezoqala umdlalo wakhe wokuqala kumaZulu FC, ayesebolekiswe kuwona.
UNgcongca washona engozini yemoto ngaseMthunzini mhla ka-23 kuLwezi (November) nyakenye. Izindaba zokudlula kukaThuswa ziqinisekiswe nguChief Superintendent Wayne Minnaar, okhulumela amaphoyisa omgwaqo eGoli, izolo ngeSonto ngesikhathi exoxa neLANGA.
Uthe amaphoyisa athole owesi-lisa ngezikhathi zabo-7 ekuseni esedlulile emhlabeni. Uveze ukuthi amaphoyisa abikelwe ngengozi eyenzeke kule ndawo, aphuthuma khona, afica owesilisa esethule, athola ukuthi bekunguThuswa.
Kuthiwa uThuswa ubehamba yedwa ngeMercedeze Benz emhlophe ngesikhathi kwenzeka le ngozi. ULelentle Mosimane -oyinkosikazi kaPitso Mosimane ololonga i-Al Ahly yase-Egypt – ophethe iMT Sports Marketing & Management, obese kusebenza kuyona uThuswa, ubhale ekhasini lale nkampani kwiTwitter, eqini-sekisa imibiko yokudlula kwakhe emhlabeni.
UThuswa ushona nje, ekhasini lakhe leTwitter ngoMgqibelo, ubelokhu ebongele njalo iDowns ngokuqukula indebe yeDStv Premiership, egcizelela ukuthi uMadisha noNgconga nabo bakhona eduze kwabadlali, baqukula indebe.
UThuswa odabuka eNdaleni, eRichmond, ubesefudukele eGoli ngenxa yomsebenzi. Kwenzeka lokhu nje, iBloemfontein Celtic nayo isemanzini ngokudlula
emhlabeni kukaPule Malebo obeseqhulwini ekuvukuzeni abalandeli bale kilabhu edume ngokugcwalisa inkundla.
Naye ushone engozini eyenzeke ngoMgqibelo emini eGoli. Ukudlula kukaMalebo kuqinisekiswe nguBotha Msila ongumla-ndeli wokuqina weCeltic
* KwaZulu-Natal kucishe kwavalwa ngehlahla eqenjini le-netball leMi-dlands District Academy of Sports, kugingqika ikhumbi ebelihamba ngayo kuN2, ngaKwa-Dukuza ngoMgqibelo emini, kodwa ngenhlanhla kwangashona muntu.
Leli qembu beliya emdlaweni weligi eMtubatuba. UThami Mchunu ongumengameli weSport Confederation KwaZulu-Natal, uzwakalise ukubonga ukuthi kakudlulanga muntu emhlabeni.
I-Al Ahly SC okuyikilabhu okuqeqesha uMosimane ngamazwi kaMahmoud Elkhatib onguMenga-meli wayo, ibhonge emswanini ngokudlula kukaThuswa kanye nasemndenini weSundowns ngokuhamba kwaleli qhawe ngokukhulu ukuzuma.