Kwesinye isigameko kubikwa ukuthi uninalume udubule wabulala umshana ngephutha
SKHOSIPHI MTHEMBU
KWENZEKE okungajwayelekile kule mpelasonto kulala izidumbu ezintathu kudubulana izihlobo ezigamekweni ezimbili ezehlukene KwaZulu-Natal. NgoMgqibelo kudubulane kwabulalana izelamani zakwaSithole eMfume, eThekwini ngesikhathi kunomshado kulo mndeni kanti kwesinye isigameko esenzeke eMbabane, eWeenen, ngawo uMgqibelo, owesilisa kuthiwa udutshulwe wabulawa nguninalume.
ILANGA lithole ukuthi uMnu Manqoba Sithole (45), udubule wabulala umfowabo, uMnu Zamokwakhe Sithole (59), emuva kwalokho kuvele kwaqhuma isibhamu okungaziwa ukuthi besiqhumaphi kanti kudutshulwa uManqoba. Akucaci ukuthi yini equbule ingxabano phakathi kwalezi zelamani, kodwa ILANGA lihabule ngomthombo walo ukuthi emuva kokuba kade zihilizisana, uManqoba udonse isibhamu wadubula umfowabo.
“Akucaci ukuthi yini esuse ingxabano phakathi kwalezi zelamani, kodwa uManqoba nguyena odubule umfowabo kuqala. Kuthe kungazelele muntu, saqhuma okwesibili isibhamu, kwadubuleka yena uManqoba okungazeki ukuthi ngubani obedubula,” kusho umthombo. Imizamo yokuthola umndeni iphunzile njengoba ucingo belukhala kodwa lungaphendulwa.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseManzimtoti aphenya amacala amabili okubulala emuva kokuba kuqubuke ingxabano phakathi kwezelamani kade kunomcimbi. Uthi kule ngxabano owesilisa oneminyaka ewu-59 udubulekile nomunye oneminyaka ewu-45 udutshuliwe.
EMbabane kudutshulwe kwabulawa uMnu Mthokozisi Hadebe okuthiwa ubulawe nguninalume obethi udubula umuntu abexabana naye. Ngokuthola kwaleli phephandaba, umsolwa kuleli cala ube nengxabano nomunye umuntu khona endaweni ngawo uMgqibelo ebusuku. Lona abexabana naye umbizele ngaphandle komuzi efuna balwe. Kubikwa ukuthi esengaphandle, kuqhamuke uMnu Hadebe, uninalume wangabuza mkhuhlane ezitshela ukuthi yilona wesilisa abexabana naye wadubula.
UMnu Buhle Buthelezi oyinduna kule ndawo, uvumile ukuthi sikhona isigameko esinjena esenzekile.
“Uma sizwa, uninalume ubezitshela ukuthi udubula lo muntu abexabana naye. Ngihlanganile nomndeni ngalolu daba kwavela ukuthi empeleni umshana (uMnu Hadebe) udubuleke ngephutha. “(Uninalume) Uze wabona esekhanyisa ukuthi empeleni udubule umshana wakhe. Kodwake udaba selusemaphoyiseni ngoba amthathile uninalume kamufi yize besifisa ukuba luxoxwe wumndeni ngoba kuyavela ukuthi kube yiphutha,” kusho yena. UCapt Gwala uthe kulesi sigameko ukhona umsolwa oboshiwe ngecala lokubulala kanti kulindeleke ukuba avele maduze enkantolo.