Kududulwane ngenqindi kumasipala weTheku “kubangwa” eka-R1.2 billion

262

LUCKY CAIN

IQEMBU eliphikisayo kuMasipala weTheku iDA, lithi lifuna usomlomo walo masipala, uMnu Thabani Nyawose athathele i-EFF izinyathelo ngesigameko esenzeke emhlanganweni wangoLwesibili, ophele sekubanjwana ngezihluthu phakathi kwamanye amakhansela namaphoyisa kamasipala. 

Ngokuthola kweLANGA, izinxushunxushu ziqale emuva kokuba uMnu Zwakele Mncwango we-Action SA, ebuze ngo-R1.2 billion okuvele ukuthi lo masipala uhlulekile wukuwusebenzisa. 

Ekhuluma neLANGA  uMncwango, uthe kuyishwa okwenzeke kulo mhlangano njengoba kugcine kungena namaphoyisa abephethe izibhamu, okuyinto ebisibeka amakhansela engcupheni. Uthe kuyishwa ukuthi ezinkingeni ezingaka lo masipala obhekene nazo, kunemali engaka ephindiselwa emuva ngenxa yokuthi kawuyisebenzisanga. 

Utshele leli phephandaba ukuthi umbuzo wakhe ngale mali udlulele kwi-EFF, ekhale ngemenenja kamasipala, iyisola ngokuhluleka wukwenza umsebenzi. 

UMnu Themba Mvubu ohola i-EFF kulo masipala futhi ongusihlalo wekomidi lengqalasizinda, uthe isono sabo kube wukunxusa imenenja kamasipala, uMnu Musa Mbhele ukuba ishenxe kulo mhlangano. 

“Kusicacele ukuthi kuyayehlula ukwenza umsebenzi wayo. 

“Angazi zingaki izincwadi okuthiwa ziduve kuyona zokuthi kuqashwe abantu noma izinkampani ezizokwenza umsebenzi. Ihlale ingatholakali, kasazi imatasa ngani ngoba nezikhulu ezisebenza ngaphansi kwayo, kaziyitholi,” kusho uMvubu.

Mayelana namalungu eqembu lakhe abebambana ngezihluthu namaphoyisa, uthe bekumele bazivikele, bese kunabantu abebengaphakathi, bephethe nezibhamu. 

Uthe yena njengosihlalo wekomidi elibhekelela ukwakhiwa nokulungiswa kwe-ngqalasizinda, uyakwenza okuthinta isikhundla sakhe, kodwa akangeni kwezokukhishwa kwemisebenzi nokuqashwa kwabantu. 

Ngakolunye uhlangothi iDA, iphakamise ukuthi kusule zonke izikhulu ezithintekayo ngokubuyiselwa kwale mali emuva. Kulezi zikhulu ezibalwe yileli qembu kukhona uMbhele, uMvubu – njengosihlalo waleli komidi – nemeya, uMnu Mxolisi Kaunda. 

Iphakamisa nokuthi i-EFF ithathelwe izinyathelo ngendlela eziphathe ngayo kulo emhlanganweni, lapho amalungu ayo ebonakala elwa kanzima namaphoyisa kamasipala, amanye awo abengawufakile nomfaniswano womsebenzi. 

Imizamo yokuthola uNyawose iphunzile. 

Esitatimendeni esikhishwe yilo masipala, sikuchithile ukuthi kunemali ezobuyiselwa emuva. Sithe imibiko eveze lokhu ingamampunge njengoba ngeledlule lo masipala uhlanganile noMnyango woMgcinimafa ukudingida udaba lwalesi samba.  

Previous articleKubikwa eyomfantu phakathi kweSilo nomkhulumeni waso
Next articleUmbiko wemali ukhomba ubunzima obuthwelwe yi-Eskom