Kudungeke izinhlelo zoSuthu

649

IChiefs iphinde yaphinde yaphoxa abalandeli bayo

USPHELELE Mkhulise weMamelodi Sundowns ebhekene noSiyethemba Sithebe woSuthu 
koweligi ophele ngo-1-1 izolo eJonsson Kings Park Stadium, eThekwini. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

MFANAFUTHI NDLOVU

KUNYOMFEKE izinhlelo zomqe-qeshi wamaZulu FC le kilabhu ibambana neMamelodi Sundo-wns ngo-0-0 koweDStv Premier-ship izolo ngoLwesithathu ntambama eJonsson Kings Park Stadium, eThekwini.

UBenni McCarthy ongumlolongi wo-Suthu uzwakalise okukhulu ukujabha ngalo mphumela agcizelele ukuthi uvuna iSundowns evikela isicoco seligi. Uthi bekumqoka ukuqoqa amaphuzu agcwele kubona njengoba bejaha iSundowns esesicongweni.

“Besidlala nekilabhu ehlelekile futhi edlala ingcwenga yebhola. Sizenzele thina phansi ngokuyeka amathuba esiwatholile. Nakuba ngiphoxekile kodwa kangikhali kakhulu ngoba silitholile iphuzu. 

“Besingcono kakhulu kuneDowns kodwa kasaze sakusebenzisa lokho. Lona bekuwumdlalo omuhle kakhulu webhola eliyisitayela sakuleli,” kusho uMcCarthy.

Kulo mdlalo uSuthu lukhombise zibe-kwa ukuthi lufuna amaphuzu agcwele kwazise luqalise uThabo “Section 10” Qalinge, uMzukile Kewuti, uSphelele Mthembu noThembela Sikhakhane abebe-ngekho ngesikhathi le kilabhu iqumba phansi iStellenbosch FC ngo-1-0 muva nje eCape Town.

Nakuba lo mdlalo uke waba neziwombe ezethusayo kodwa okuqaphelekile wukuthi uSuthu lubanjwe inkunzi ingcaca ngunondweba walo mdlalo uJelly Chivani, ojaje uQalinge esendaweni enhle yokuhlohla igoli ekubeni kakukho okubi abekwenzile.

UTapelo Xoki oyisitobha soSuthu uthole ikhadi eliphuzi ngokudlala kabi okuzokwenza angabi khona koweTS Galaxy ngoMgqibelo ngo-17h00 eKings Park.

 * IKaizer Chiefs iqhubekile nokubhekwa yisambane emidlalweni yeligi ihlulwa yiCape Town City ngo-2-1 izolo kusihlwa eFNB Stadium, eGoli. Amagoli eCity ashaywe nguTashreeq Morris ngomzuzu ka-22 noBradley Ralani ngoka-52 kwathi elokubika leChiefs leza noKearyn Baccus ngoka-67.

* IGolden Arrows iqoqe amaphuzu agcwele ihlula iSuperSport United ngo-1-0 wegoli likaNduduzo “Sulu” Sibiya eli-ngene ngomzuzu ka-22 koweligi izolo eLucas Moripe Stadium.

* Isiyonke imiphumela imi kanje: SuperSport 0, Arrows 1; Chiefs 1, Cape Town City 2; Leopards 0, Stellenbosch 0; AmaZulu 0, Sundowns 0; Celtic 1, Swallows 1; Chippa 0, Baroka 1.

Previous articleKusemnyama ngemali yabanqoba kuma-KZN awards
Next articleAbokufika ecaleni lokudlwengula