NOMFUNDO NGWANE
UKHOMBISE unya olwesabekayo owesilisa edubula ebulala isalukazi saseZibayeni eNhlwathi, eHluhluwe phambi kwabazukulu baso ngoMgqibelo ntambama.
Kubikwa ukuthi uNkk Elizabeth Bhamu Mdletshe (62), udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ngo-wesilisa ongaziwa, ofike kwakhe wazenza umuntu ozothenga, kwazise kudayiswa oncamnce bezingane okubalwa kubo ama-chips.
Ekhuluma neLANGA ngalolu daba uMnu Makhosonke Mdletshe oyindodana kamufi, uthe: “Bengisendlini yami ekhaya elikhulu eliwumakhelwane nalapho okwenzeke khona isigameko ngibuka umabonakude ngesikhathi kufika owesilisa obethwele isigqoko engazifihlile ebusweni.
“Ufike wangqongqoza wacela ukuthenga iphakethe lamashibusi. Ngimbuze ukuthi ungubani, wakuphi, njengoba ezothenga ebusuku kangaka, wathi ungowakwaSimelane uzothenga kwaMaSimelane.
“Ubekhulumela phansi ekhophoza. Ngimyalele ukuthi umama usekhaya elincane eliseduze nalapho ebengihleli khona, ngamkhombisa umuzi wabe esedlulela khona.
“Akuphelanga ngisho imizuzu emihlanu ngezwa kuqhuma isibhamu siphindelela. Kuthe ngisalalele lowo msindo, ngezwa sekukhala izingane zimemeza, zicela usizo.
Ngiphumele ngaphandle ngazithela phezu kwazo izingane zikhala,” kusho uMnu Mdletshe.
Uthi ngesikhathi umbulali efika ekhaya elincane, ufice udadewabo esemnyango, wathi ucela ukukhuluma nonina. Udadewabo ucele ingane ukuba imkhombise endlini obekuhleli kuyona umufi. Ungenile wamfica ehleli nabazukulu bakhe, okuthe uma ekhonjiswa yena wangabe esakhuluma lutho wadonsa isibhamu wamdu-bula. Kuthiwa ushaye wachitha engazenzanga lutho izingane futhi engathathanga lutho.
UMnu Mdletshe uthi bewu-mndeni kusaduma amakhanda ngento ebehlele, basazibuza ukuthi ngubani lo ongabulala unina ngesihluku esingaka.
Uthi unina ubeziphilisa ngokudayisa amagwinya noswidi ezikoleni.
“Kasikho isitha esisaziyo noma umbango okhona esingaze sisolele kuwona. Le nto kuyacaca ukuthi umuntu oyenzile ubeyihlele kahle njengoba efike esenalo lonke ulwazi ngomama.
“Kuyacaca ukuthi bekuyinkabi nje ebithengiwe ukuthi iyobulala yena kuphela,” kusho uMnu Mdletshe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi likhona icala elivuliwe lokubulawa kowesifazane. Uthi amaphoyisa abengakabophi muntu, aphansi phezulu nophenyo, athungatha umkhondo wombulali.
nomfundo@ilanganews.co.za