Kudutshulwe kwabulawa abathathu bephuma enkantolo

321

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUSABATSHAZWA isihluku sababulali abadubule babulala abantu abathathu eMthwalume namuhla ngezithuba zo-11h00 ekuseni. Ngokwemibiko, izisulu – ezingakadalulwa amagama azo okwamanje – beziphuma enkantolo, kwathi sezifika ezimpambanweni zemigwaqo, zavinjezelwa yizimoto ezimbili, obekukhona kuzo neVW Polo. Abebekule moto bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kubafi. Silobe amaphoyisa esematasa endaweni yesigameko.

ISALE nezombobo zezinhlamvu imoto (emnyama) ebihamba abafi.

Previous article27 June 2024
Next article“UMkhonyovu” useqhwakele kwesemeya yaseZululand