KUDUTSHULWE KWABULAWA ELINYE ILUNGU LE-ANC

371

NGUMNU Cassim Phiri obulewe.

SKHOSIPHI MTHEMBU
SEKUPHINDE kwadutshulwa kwabulawa elinye ilungu le-ANC esigamekweni esenzeke ngoLwesibili ebusuku KwaNdengezi kuwadi-14. Kubikwa ukuthi uMnu Cassim Phiri obeyisekela Sihlalo waleli gatsha, ngaphansi kukawadi 14, udutshulwe ngoLwesibili ebusuku ephuma emhlanganweni obubanjelwe eMariannhill Primary. Esitatimendeni esithunyelwe yisiFunda saseThekwini, sikugxeke kakhulu ukubulawa kukaMnu Phiri, nabanye abaholi be-ANC. Isitatimende, siveze ukuthi uMnu Phiri ubebuye abe yisekela likaNobhala weHenry Bona Zone, uke wasebenza ophikweni lwentsha lwale nhlangano kanye nakwezinye izinhlaka.


UMnu Phiri ubengusekela Sihlalo kulezi zindawo, iDassenhoek, Marianhill, Winston Park, Klaar-water, kwaNdengezi nase-Thornwood Isitatimende siqhuba sithi emasontweni ambalwa edlule bangaphezu kwabayisihlanu abaholi be-ANC asebebulewe eThekwini, ngaphansi kwezimo ezingaqondakali.Sithi eminyakeni eyedlule maduzane nalapho kubulawe khona uMnu Phiri, kwadutshulwa kwabulawa uMnu Thulani Nxumalo obenguSihlalo wegatsha kuwadi 12 kwaNdengezi. Ngeledlule, kugwetshwe uSiphamandla Ngcobo, eNkantolo eNkulu yaseThekwini ogixabezwe ngodilikajele ecaleni abebhekene nalo lokubulala uNkz Bongekile Khama obengusihlalo weSmiso Nkwanyana Zone owadutshulwa ngaphandle kwesitolo sakhe ekhuluma namalungu omphakathi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko. skhom@ilanganews.co.za
NGUMNU Cassim Phiri obulewe.

Previous articleLegends Festival Speak Heritage
Next articleUKhuzani noxhaso lwegilosa kwabaswele oNdini