Kudutshulwe kwabulawa obekhulelwe amawele

650

Kuthiwa ubesenezinyanga eziwu-9, ubezovuka ngakusasa ayohlinzwa esibhedlela

SKHOSIPHI MTHEMBU noNONHLAKANIPHO SHINGA
UBEZOVUKA ngakusasa ayohlinzwa owesifazane obekhulelwe amawele odutshulwe wabulawa ngentululwane yezinhlamvu esigamekweni esenzeke ngoLwesibili eNkivane, eBhamshela. Kubikwa ukuthi uNkz Nompumelelo Khanyile (21), waseMtubatuba udutshulwe ngabantu abangaziwa esendlini, evakashele uyise wezingane zakhe. Kuthiwa lesi sigameko senzeke uNkz Khanyile ehleli nomamezala wakhe, isoka lakhe lisaphumile liye kwamakhelwane, lihambise i-laptop ebeliyibolekile. Kuthe esesukuma elungiselela ukuyolala uNkz Khanyile kwaqhuma inganono, umbulali eyilunguzise ngewindi. Kuthiwa ushonele endaweni yesigameko.


ILANGA LangeSonto lihabule ukuthi udutshulwa nje, isoka lakhe belike lathola izinsongo zokulibulala. Kubikwa ukuthi bekungekhona okokuqala kuhlaselwa kudutshulwa kubo kwesoka njengoba ngonyaka odlule kwadutshulwa umuzi, kodwa kwakungekho muntu ngaleso sikhathi. Kulesi sigameko sokubulawa kukaNkz Khanyile kuthiwa bese kungokwesithathu kuhlaselwa. Leli phephandaba lithole ukuthi izigameko zokuhlaselwa komuzi wakubo kwesoka ziqubuke ngemuva komdonsiswano wokubanga izikhundla owenzeke enhlanganweni eholwa nguMnu Minenhle Dlamini (uyise wezingane zikamufi), kukhona abebengafuni ukukhishwa ezikhundleni.


UDlamini (25), ekhuluma naleli phephandaba esekubhaceni, ulibeke ngembaba elokuthi unesiqiniseko sokuthi laba ababulele unina wezingane zakhe bebefuna yena. “Ngibuhlungu kakhulu ngalokhu okwenzekile. “Ubehlanganisa izinyanga ezingu-9 ngosuku abulewe ngalo, sizovuka ngakusasa siye esibhedlela, eyobeletha. “Ubefikele ukuthi azobeletha ngapha. “Ubezobeletha bese ngimyisa kubo eMtubatuba, bese sithumela abakhongi beyocela isihlobo esihle,” kusho yena. Uthi inhlangano esuse umsindo yaze yamakhela izitha, uyisungule ngonyaka ka-2017. Uthe noma kuthiwa umndeni wakhe uhlaselwa ngenxa yomsebenzi wakhe, akazimisele ngokuwuyeka ngoba usebenzela umphakathi.


“Uma kumele ngife nami ngoba ngisebenzela abantu bakithi abahlwempu, kulungile.” ILANGA LangeSonto lithole ukuthi umbango uqutshulwe wukuthola kwale nhlangano engenzi nzuzo imali engaphezu kwesigidi samaRandi yokwelekeleka ezinhlelweni abanazo. “Ngangingazi ukuthi ukusungula le nhlangano ngelinye ilanga kuyogcina kubeka impilo yami nomndeni wami engcupheni,” kusho uDlamini. Uveze ukuthi unina wezingane ubelethiswe eseshonile, ngosuku lomngcwabo amabhokisi ayobe emathathu. Imizamo yokuthola umndeni kaNkk Khanyile kayibanga yimpumelelo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kuvulwe icala lokubulala. Uthe amaphoyisa asaphenya kanti izolo ngoMgqibelo bekungakaboshwa muntu.
skhom@ilanganews.co.za
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUSHAQISWE YISICELO SOKUTHUNGELA INGONYAMA
Next articleKubanjwane ngamawashingi kowoSuthu neRoyal AM