Kudutshulwe kwabulawa osomatekisi abayizelamani

45

Kuthiwa balalelwe unyendle ngabantu abangaziwa

ISALE ilimele kanje imoto ebihamba izelamani zakwaMhlongo ebezingosomatekisi, ezidutshulwe zabulawa ziphuma kubo eMelmoth ngoMgqibelo.

 NOMFUNDO NGWANE

KUDUMA amakhanda emndenini wakwaMhlongo, eMelmoth, emuva kwesigameko sokudutshulwa kubulawe izelamani zakhona zisemotweni ngoMgqibelo ntambama. 

Kubikwa ukuthi uMnu Alfred Mhlongo (62) nomfowabo uMnu Walter Mhlongo (60), bobabili abangabanikazi bamatekisi, balalelwe 

unyendle ngabantu abangaziwa, abavulele ngentululwane yezinhlamvu besendleni bephuma kubo eMelmoth, bebheke eThekwini njengoba benemizi nakhona. 

UMnu Luyanda Mhlongo oyindodana kaMnu Walter Mhlongo, uthe oyise bebenamatekisi ahambela KwaMashu naseMelmoth. Behlelwa yilo mshophi nje, bebephuma kubo eMelmoth kade beyokwenzela unina osanda kushona umsebenzi, behlanganise nendodana kamufi uWalter nayo engasekho. 

Utshele leli phephandaba ukuthi kuqhamuke amadoda angaziwa adubula ebhekise ku-bona bobabili, bashonela endaweni yesigameko.

Bekushayela uyise ngesikha-thi behlaselwa, okunguyena odutshulwe kuqala. Uyise omdala, obengakadubuleki, ukwazile ukuthatha ucingo wababikela ukuthi kunabantu ababahlaselayo. Ngemuva kwesikhashana eqeda kusho lokho, baphinde bamzama ocingweni lwakhe kodwa beselungasangeni. “Bekungakapheli ngisho izinyanga ezingaki kade sifihla umfowethu, ekuqaleni konyaka kushone ugogo ozala bona,” kusho uMnu Mhlo-ngo. 

ILANGA lithole ukuthi imoto abebehamba ngayo iphaphalazile yaphuma egwaqweni ngesikhathi behlelwa yile nhlekelele. Lezi zelamani zichazwe njengabantu abebezwana kakhulu. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kuvulwe amacala amabili okubulala, bekungakaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.

nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleUphoxekile ngakubone ekuhambeni uBroos
Next articleUbhuqwa yindlala kucwila impesheni