Ubesemzini wakhe esanda kubuya emsebenzini
NOMFUNDO NGWANE
KUSADUMA amakhanda emndenini wakwaMthembu, eFolweni ngokudutshulwa kubulawe ngentululwane yezinhlamvu umama wekhaya ngoLwesihlanu ntambama phambi kwezingane zakhe.
Ithi isekude ukukhohlwa into eyibonile indodakazi kaNkz Nelisiwe Mthembu (48), odutshulwe wabulawa phambi kwezingane zakhe esemzini wakhe.
Ubesanda kungena endlini ephuma emsebenzini. Ngokuthola kweLANGA ngoNkz Sthabile Mthembu, oyindodakazi kamufi, lesi sigameko sokubulawa kukanina senzeke ngabo-6 ntambama ngoLwesihlanu, unina esanda kubuya emsebenzini, behleli bebuka umabonakude.
“Besihleli sivule umnyango sibuka umabonakude, umama esaphumule njengoba ubephuma emsebenzini.
“Sizwe ukuqhuma kwesibhamu sikhala kakhulu, umama wabe eseyasukuma elunguza ukuthi ngabe siduma kuphi, kanti ababulali sebesegcekeni badubula ekhaya.
“Kuthe esasukuma ethi uyaqalaza, kwangena emnyango owesilisa obengazifihlile ebusweni, wadubula umama ephindelela waze wamdumbula ngisho eselele phansi.
“Sibaleke nezingane zasekhaya sayocasha kwiwodilophu yezingubo. Ngesikhathi umbulali edubula, bekunabanye besilisa ababili abebeme ngaphandle, begadile.
“Uqede ukudubula umama, weza ekamelweni, wavula isicabha sikawodilophu, wasifica sisongene nezingane zasekhaya, wasibuka maqede waphuma wahamba, wangasenza lutho,” kuchaza uNkz Mthembu.
Ngokusho kwakhe kuyacaca ukuthi ababulali bebeqonde unina njengoba yena nezingane zakubo bengabenzanga lutho yize bebabonile lapho bebecashe khona. Uthi basadidekile ukuthi kungani unina ebulawe ngesihluku esingaka.
“Umama ubengakaze asibikele lutho ukuthi kukhona abantu axabene nabo noma angezwani nabo. Sisadidekile ukuthi bekubangweni baze babulale umama ngale ndlela. Kunzima ukuba sikhohlwe yinto esiyibonile ebulawa phambi kwethu sibheki-le, bekungekho nokuthi simsize,” kusho yena.
Utshele leli phephandaba ukuthi unina ubesebenza esibhedlela iClairwood. “Kumanje sisemakhaya eHlokozi lapho esizomfihlela khona umama. Siyesaba nokubuyela ekhaya uma sesiqede ukufihla ngoba kasazi ukuthi ubulaweleni umama.
“Kasazi ukuthi uma sesibuyele ekhaya bazolandela ngobani,” kubalisa uNkz Mthembu.
Uqhube wathi ababulali baqede ukubulala unina bashaya bachitha bengathathanga lutho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala.
bekungakaboshwa muntu njengoba uphenyo lusaqhubeka.