PHUMLANI GAMA NOJOHN HLONGWA
KUME yonke into kwaphazamiseka ukusebenza ezitolo zaseClermont, eThekwini, emuva kokudutshulwa kubulawe abesilisa abathathu izolo ngoLwesithathu emini. Kubikwa ukuthi kufike iVW Polo emhlophe maqede kwaphuma amadoda amathathu abehlomile, angabuza lutho, adubula ebhekise kubadayisi basemgwaqweni abebematasa nomsebenzi wabo wokuthengisa inyama yenhloko erenki yamatekisi kule ndawo. Kulesi sigameko kushone uMnu Siyanda Mathabela (23) ongowokuzalwa oNdini, uMnu Kwanele Mngomezulu (24) waseMelmoth nowesilisa ongaziwa okubikwa ukuthi ababulali bamjahe ngezulu lezandla baze bayombulalela phakathi esitolo esiseduze.
ILANGA lifike kule ndawo amalungu omphakathi eyizixongololo, ebonakala ethukile. Leli phephandaba lithole ukuthi kule ndawo sekubulewe abantu abawu-9 ezinsukwini ezine. Amalungu omphakathi akhulume naleli phephandaba ngaphansi kombandela wokuba kugodlwe amagama awo, athi ngeSonto kuhlaselwe kwadutshulwa abesilisa abathathu bashona budebuduze nendawo yesigameko. NgoLwesibili kusihlwa, kudutshulwe abesilisa abathathu bangashona, okuthe uma bebizelwa i-ambulence ebibaphuthumisa esibhedlela, ababulali bayijaha bayivimba, maqede basho phakathi kuyona, baqhubeka lapho begcine khona.
Kugcine kuhanjiswa izidumbu. “Esigamekweni sanamhlanje (izolo), kucacile ukuthi ababulali bebeqondene nabafi ngoba kudutshulwe abantu abawu-5. Ababili abalimele bathole amachaphazelo ngoba itende labo liseduze nelabafi. “Owesithathu ongaziwa, ababulali bamjahe waze wangena esitolo, maqede bamkhetha eningini, bamdubula. “Sisola ukuthi bambulale ngoba bezama ukuvala ubufakazi ngoba konke okwenzekile, kwenzeke ekubona, futhi ababulali bazame kaningi ukudubula bebhekise kuyena. Seziziningi kakhulu izigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo maqede kungaboshwa muntu,” kusho umthombo. Abanye baveze ukuthi basola umbango wokuthengiswa kwezidakamizwa kule ndawo njengoba indawo okunetafula labafi yaziwa kakhulu ngokuthengisa zona.
Abanye baveze ukuthi kungenzeka kubangwa indaba yokuthi kabayikhokhi imali yerenti njengoba bethengisa erenki. Elinye ilungu lomphakathi liveze ukuthi minyaka yonke, kubulawa abantu endaweni okunetafula labafi. UMnu Thulani Mbhele osinde kulesi sigameko, uthe ufikelwe wumuzwa wokungena esitolo emuva kwalokho wezwa ukuqhuma kwezibhamu. “Besiqeda ukudla inyama yenhloko lena esiyithengisayo. Laba bafana ngihlala nabo, akukho okubi engibazela khona. Siqashwe ukuthengisa inyama yenhloko, abantu bakhuluma eyokuthi kungenzeka thina sithengisa izidakamizwa, kodwa akunjalo.
“Bayaziwa abantu abathengisa izidakamizwa, zithengiswa eduzane naseposini. “Njengoba isakhiwo salo singenalo nocingo nje, bayaziwa abantu abahlala bemile, bethengisela abantu abasuke bebathumile. Umuntu owayethengisa izidakamizwa kule ndawo, wadutshulwa wabulawa ngonyaka odlule,” esho. UMnu Thabani Ndwandwe ongumnikazi webhizinisi lenhloko, uthe usola umbango webhizinisi. “Ngicabanga ukuthi abafana babulawe ngoba kuzanywa indlela yokungixosha kule ndawo engisebenzela kuyona. Lesi sigameko senzeke ngingekho. Ngithole ucingo oluthi mangiphuthume endaweni yesigameko,” kusho uMnu Ndwandwe. UMnu Mfanafuthi Mngomezulu onguyise ka-Kwanele, uthe akukho okubi akwaziyo ngengane yomfowabo.
“Lo mfana usanda kufika lapha eThekwini, ubeqashwe nguMnu Ndwandwe. Besingalindele ukuthi angahamba emhlabeni emncane ngalolu hlobo. Nasohlangothini lwasemakhaya, kazikho izimpi esizaziyo esingasola ukuthi kuqhubeka zona ngoba uKwanele ungmfana nje, ophila impilo efanayo neyezinye izinsizwa zasendaweni. “Sikholwa wukuthi amaphoyisa azokwenza uphenyo oluzoholela ekutheni kuboshwe ababulali,” kusho uMnu Mngomezulu. Okhulumela amaphoyisa, uLt Colonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaDabeka aphenya amacala okubulala nawokuzama ukubulala emuva kokudutshulwe kubulawe abantu abathathu, abanye balimala.
“Kubikwe ukuthi kufike amadoda abehlome ngezibhamu maqede adubula ebhekise kubadayisi basemgwaqweni uZazi Road. Baqede ukugila umkhuba bashaya utshani. “Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka,” kusho uLt Col Netshiunda. phumlani@ilanganews.co.za hlongwaj@ ilanganews.co.za