Kudutshulwe umfundi waseMfolozi Tvet

2163

Umndeni uyakhala ngethemba lawo ebelenza unyaka wokugcina

THANDEKA NGOBESE

UMNU Mbongeni Doctor Mthombeni, obenza unyaka wesithathu kwiCivil Engineering, eMfolozi Tvet College, udutshulwe washona ezobhala iphepha lokuqala ngeledlule.
ISITHOMBE: SITHUNYELWE

SELIPHINDE lagasela kwesinye isikhungo semfundo ephakeme idimoni lokubulawa kwabafundi, njengoba kuthe ngeledlule kwadutshulwa kwabulawa umfundi obezoqala ukubhala izivivinyo zakhe ngo-Lwesine eMfolozi Tvet College, eSikhaleni (eSikhawini), eMpangeni.
Uyabalisa umndeni kaMnu Mbongeni Doctor Mthombeni (21) obenza unyaka wokugcina kwi-Civil Engineering kulesi sikhungo, odutshulwe ehamba nomngani wakhe wesifazane ngoLwesine ntambama bephuma ukuyofunda, belungiselela ukubhala.
Ekhuluma neLANGA unina kamufi, uNkk Zandile Mthombeni, uthi ufonelwe ngumngani kamufi, obehlala naye endlini, ngoLwesine emazisa ngesigameko.
“Umngani wakhe ungitshele ukuthi uDoctor ubephelezele umngani wakhe wesifazane kanti kuzothi besendleleni, kuvumbuke abantu babadubule. Kuthiwa lona wesifazane ubalekile bahlukana ngezindlela, amaphoyisa amfuna ngethoshi ebusuku, kodwa angamthola.
“Ngakusasa, ngivukele khona esikoleni samfuna (uDoctor), ngamthola ngasemhosheni endaweni enezibhanana. Okungixakayo wukuthi uma kuyizigebengu lezi ebezibagcweleza, kungani zingathathanga lutho kuyena yize sezimbulele njengoba umakhalekhukhwini wakhe ubusekuyena yize ubungasasebenzi ngenxa yokuthi ubusuthelwe ngamanzi.
“Angikakafuni ukukhuluma kakhulu ngalolu daba njengoba ngisalinde ukuthi kudlule konke bese nginikela emaphoyiseni, ngilandelele ukuthi yini akwazile ukuyithola endaweni yesigameko,” kusho uNkk Mthombeni.
Uthi ubuhlungu ngalokhu okwenzekile, kwazise ubenethemba lokuthi usephumile osizini njengoba indodana yakhe ibisemaphethelweni ezifundo zayo.
“Bengimfundisela ukuba asinakekele njengomndeni, noma sesadlula emhlabeni aqhubeke akwazi ukuzinakekela njengoba ngamzala waba yedwa. Ukunqanyulwa kwempilo yakhe ngale ndlela, kungizwisa ubuhlungu obukhulu ngoba ubeseyithemba lalo mndeni,” kusho unina.
Esitatimendeni esikhishwe yi-Mfolozi Tvet College, bachaze uDoctor njengomuntu obezithobile futhi ehlonipha.
“Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ngale ndlela, zisishaqise kakhulu njengesikhungo. Uzokhunjulwa kakhulu ngokuthobeka kwakhe nangenhlonipho abeyikhombisa kothisha bakhe nakozakwabo abefunda nabo,” kusho leli kolishi esitatimendeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kuzoba nzima ukuba bathole ukuthi ukhona yini oseboshiwe ngalesi sigameko njengoba umphenyi wecala engakwazi ukumthola, kwazise abasebenzi ngezimpelasonto. thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

Previous articleBadliwe bagxeka iChiefs ngembazo
Next articleUSEPHUMELE OBALA U-ENHLE NGOKUCHITHEKA KOMSHADO WAKHE NO-BLACK COFFEE