Bathenjiswe ukuhlonyiswa ngolwazi lokuvukuza umhlaba
SKHOSIPHI MTHEMBU noMTHOBISI SITHOLE
UFANE nokuqhwa-ndela emuva kuhle kwenkukhu umsebenzi wabantu abebemba itshe abebecabanga ukuthi yidayimane, KwaHlathi, eMnambi-thi njengoba izolo ngeSonto
uHulumeni waKwaZulu-Natal, nochwepheshe abebelihlola, beveze ukuthi akulona (idayimane).
Izolo ngeSonto bekunesigcawu sabezindaba ebesihlelwe ngendlela yezobuchwepheshe besimanje, okuyilapho uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal, uMnu Ravi Pillay, nozakwabo uNkk Peggy Nkonyeni ongungqongqoshe wezokuphepha komphakathi, yinkosi yendawo, uMelusi Kunene, nochwepheshe abebehlola leli tshe, beveze khona ukuthi leli tshe yi-quartz.
Ngeledlule leli phephandaba labika ngendaba yabantu ababe-theleka kule ndawo beqhamuka ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal, ngisho nakwezinye izifu-ndazwe beyomba leli ‘dayimane’.
Ekhuluma nabezindaba uMnu Pillay, uthe: “Sibonile ezinsukwini ezedlule abantu abaqhamuka ezindaweni ezahlukene beya KwaHlathi, beyomba abebekholwa wukuthi yidayimane.
“Sibe sesiya khona nochwepheshe ababe sebethatha amasampula beyowahlola. Imiphumela iveze ukuthi akulona idayimane kodwa yi-quartz Crystal,” kusho uMnu Pillay.
UNkk Nkonyeni uthe yize imiphumela ikhomba ukuthi akulona idayimane, kodwa babonile ukuthi abantu besifazane bakule ndawo banentshisekelo yokusebenza ezimayini njengoba nabo bebeyingxe-nye yabambayo.
Uthi babone kungcono ukuba uMnyango wezokuMbiwayo uye kuleya ndawo, uyonika abesifaza-ne ulwazi ngokuthi bangenza
kanjani uma befuna ukuthola imvume yokuba ngabavukuzi abasemthethweni.
Uphinde waveza ukuthi ngesikhathi bekule ndawo, abantu baveza izikhalo eziningi okuhlanganisa nendaba yomgwa-qo, wathi basezi-nhlelweni zokuyilungisa.
INkosi Kunene ithe izohlangana nezinduna, ixoxe nomphakathi ngombiko, ngeke iwususe ngoba uzolwa nayo.
“Uhulumeni uzosebenzisa
indlakadla uma beqhubeka nge-nkani ngoba sekuvelile ukuthi akukho emthethweni.
“Okusihlupha kakhulu wukuthi indawo imoshekile. Imigodi egcwele laphaya iyimoshile imvelo, kanti kukhona nabelungu abafikayo bezothenga la matshe, okwenza kube nzima kubantu
ukusuka kuyona,” kusho inkosi. skhom@ilanganews.co.za