Kufe umfundi kubangwa intombi

336

Kuthiwa umsolwa ugwaze umufi inxeba elilodwa enhliziyweni waphelela khona lapho

NONHLAKANIPHO SHINGA

UPHELE ngokuphuma kwesidumbu umbango wentombi phakathi kwabafundi baseSihlengeni High, esigodini saseSihlengeni, eNgome, eVryheid. Lo mbango kuthiwa ufike kwelinye izinga ngoMsombuluko, ngesikhathi omunye wabafundi efika ebikela umfowabo kubo ukuthi kunomfundi abaxabane naye, balwa ngalelo langa, wamshaya. Ngokuthola kwaleli phephandaba ngemithombo yalo, kuthiwa umfowabo womsolwa ube esemnikeza ummese wokuthi azivikele uma lona ababanga naye, ephinde ezama ukumlwisa. Le ntombi ebangwayo, kuthiwa ifunda kulesi sikole, ibaqome bobabili laba bafundi, bese bephenduke izitha. Kuthiwa ngoLwesibili ngemuva kokuphuma kwesikole, laba bafundi baphinde babambana ngezandla, umsolwa wakhipha ummese, wagwaza umufi uSiphamandla Siphesihle Madide (18) inxeba elilodwa enhliziyweni, waphelela khona lapho.


“Kuthiwa ngoMsombuluko umsolwa ufike watshela umfowabo ukuthi kunomunye umfundi omshayile, kakwaziwa-ke noma usivezile yini isizathu sokuxabana kwabo,” kusho umthombo. Umsolwa uSanelisiwe Ndaba (18), ufunda uGrade 12 kulesi sikole, umufi ubesafunda uGrade 9 Ngokuthola kwaleli phephandaba, uvelile eNkantolo yeMantshi, eVryheid, icala lahlehliselwa isonto elizayo. ILANGA likhulume noNkk Fikile Khumalo, onguSihlalo wesigungu sabazali, othe basakhungathekile ngalesi sigameko. “Ngithole ucingo obeluvela kuthishanhloko, engibikela ukuthi kukhona umfundi osebulewe. Isixake kakhulu le nto ngoba sijwayele ukuba nemihlangano, sikhuza abantwana abagcinabebambana ngezandla esikoleni,” kusho uNkk Khumalo. Uthe bayazwelana kakhulu nomndeni oshonelwe, kanjalo nokamsolwa ngoba akekho umzali othuma ingane ukuba iyobulala enye.


“Isimo esinzima lesi nesingazi ukuthi singalungiswa kanjani. Siyakhuza nje kubantwana ukuba bangaziphathi izikhali esikoleni. “Isikole siyazama ukuthi siphephe ngoba akekho umzali olindeleukuthi athole ucingo kuthiwa ingane yakhe isibulawe ngomunye umfundi,”esho. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uCons Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko, wathi umsolwa ubekwe icala lokubulala. Imizamo yokuthola umndeni kamufi iphunzile njengoba bebengekho kubo, nocingo lwakhona belungangeni. Induna yesinye sezigodi nebeyihambelekulo mndeni, iyowukhalisa ithe ifike behamba beya esiteshini samaphoyisa, befuna ukuyozwa kabanzi ngalesi sigameko. Okhulumela uMnyango weze-Mfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi uthe: “Le nto yoniwe wukulethwa kwesikhali esikoleni.

Bobabili laba bafundi sekushintshe amagama abo njengoba omunye esolwa ngokuba ngumbulali, omunye engumufi. “Akekho umzali ofuna ukubona ingane yakhe seyibuya ngebhokisi esikoleni. “Siyacela ukuthi nabo abazali bazibheke izikhwama lezi eziphathwa ngabantwana ukuthi zinani ukuze basilekelele,” esho. Khonamanjalo, uMnu Mahlambi uveze ukuthi izolo ngoLwesithathu kugwazane abafundi ngebhodlela esikoleni, i-Okuhlomphe, esisesigcemeni sakwa-Z, eMlazi. “Kuyimanje nje, labo bafundi basesibhedlela, siphuma ukuyobheka leso simo,” kusho yena. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za

Previous articleUMNDENI UKHUNGATHEKILE KUNYAMALALA UBABA WEKHAYA
Next articleKunyamalele ufakazi kwelikanjiniyela