Kuthiwa bekuyisifiso sikaMdlokombane ukuba uMntwana uSimakade agcagcelwe
LUCKY CAIN
KUFEZEKE iphupho leSilo uZwelithini kaBhekuzulu esakhothama mhla ka-12 kuNdasa (March) wonyaka odlule kugcagcelwa iwundlu laso, uMntwana Simakade noNkk Londiwe Zulu, uMaNkosi emcimbini obuseMtubatuba ngoMgqibelo. Lokhu kuvezwe nguNdlunkulu weSilo uZwelithini, uNdlunkulu Thandekile, uMaNdlovu ngesikhathi ekhulumela bonke ondlunkulu kulo mcimbi oqale ngomembeso waphothulwa ngezifungo zomshado. Ekhuluma kulo mcimbi uMaNdlovu, uveze ukuthi iSilo uZwelithini sasilulangazelele usuku lokuganwa koMntwana uSimakade njengoba kwase kukhishwe usuku lwangoNdasa wonyaka odlule ukuba abophe ifindo likasofasilahlane.
Uthe ngendlela iMbube eyabe ilufuna ngayo lolu suku, yaze yabekela uMntwana uSimakade imali ukugcina leli phupho lifezekile. Ekhuluma kulo mçimbi uMntwana uSimakade, ucwebe izinyembezi, wathi ukhumbula mhla ka-30 kuZibandlela (December) 2020 mlapho wahlala phansi noyise badingida izinto ezahlukene, okubalwa kuzona nalo usuku lokugcagcelwa kwakhe. Uthe wakhuluma wajula neMbube waze wayichazela nangesinqumo sakhe sokungabi ngukhangezile, kodwa azimele. Uveze ukuthi uyasithokozela isinqumo sokusheshe afunde ukuzimela, akwazi ukuthenga inyama angabheki ukuthi zingaki izinkomo ezikhona esibayeni sakubo. Ubonge isithandwa sakhe asichaze njengowesifazane onenhliziyo emnene, okhonze ukwelula isandla kwabantulayo. Ubabaze ubuhlakani baso, wathi buyahambisana nobakhe.
Ubonge bonke abaphume ukuyobabungaza ngalolu suku, ikakhulukazi amabutho abesuka ezinkalweni ezahlukene KwaZulu Natal. Imibiko engaqinisekiswanga iveza ukuthi ukuthatha koMntwana uSimakade kuyingxenye yokulungisela ukuthatha kwakhe isihlalo sobukhosi njengoba izindlu ezahlukene zaseNdlunkulu kaZulu ziphakamise igama lakhe kulesi sihlalo asibanga neSilo uMisuzulu kaZwelithini. Udaba lwesihlalo sobukhosi bukaZulu lusaqhubeka nokuba yinzukazikeyi njengoba kusasa ngoLwesibili nangoLwesithathu kulindeleke ukuba kulalelwe amanye amacala athinta lona eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu. Emacaleni azongena; ngelifakwe nguNdlunkulu Sbongile, uMaDlamini oyinkosikazi yokuqala yeSilo uZwelithini ofuna ukuhlomula ingxenye yamafa omyeni wakhe njengoba ethi nguyena inkosikazi yephepha, bonke abanakwabo bafikela kuyena. Elesibili ngelithinta incwadi yefa elifakwe ngamadodakazi akhe uMaDlamini lapho esola ukuthi ikokoteliwe.