Kufezeke elikaMdavu ngomlando weSoul Brothers

584

LINDA XIMBA

UVUKWA wumunyu omunye wabasunguli beSoul Brothers, uMoses “Black Mose” Ngwenya (65) uma ebuka isifiso somlingani wakhe, uDavid “Mdavu” Masondo (ongasekho), sifezeka engasekho emhlabeni.

Womabili la malungu aleli qembu lombhaqanga, ayenesifiso sokukhipha incwadi ekhuluma ngohambo lwawo emculweni, okuyinto esiyenzekile njengoba kuphume ethi “The Life and Times of Soul Brothers”

 ISoul Brothers ineminyaka engaphezulu kuka-40 kulo mkhakha, kanti le ncwadi ekhuluma ngayo isanda kwethulwa eMarket Theatre, eGoli. Ibhalwe 

nguSydney Maluleke.

UBlack Mose utshele ILANGA ukuthi ngesikhathi kumele uqalwe umsebenzi wokuqongelela umlando, kwavela umshophi ngo-2015. 

“Kwakuyisifiso sethu ukuthi kube nokuqoshwayo okukhulunywa ngathi neqembu ukuze abantu baqonde ukuthi sisukaphi. 

“Sasifisa ukutshela abantu abangazi ukuthi kwabanjani ukushiywa emhlabeni ngamanye amalungu esaqala nawo ibhendi ngo-1975,” kusho uNgwenya.

Enaba, uthe: “Ngaba nebhadi lokudunwa imoto ngadubuleka, kanti ngalowo nyaka noMasondo wahlatshwa wukugula, wagcina ngokudlula emhlabeni. Yingakho kwavele kwama yonke into.” 

Uthe ufuqufuqu lokuqopha umlando lubuye ngesikhathi esehlangana noMaluleke, ofike wamhlaba umxhwele ngendlela anolwazi ngayo ngomculo weqe-mbu. 

Uveze ukuthi kule ncwadi bakhulumile nemindeni yamalungu asabashiya, wathi kuzovela nemvelaphi yabo nokuzwana kwemindeni yabo ngokwehlukana.

Yize iqembu lashonelwa nguTuza Mthethwa, uZenzele Mchunu, u-American Zulu noMaxwell “Mafuthenkukhu” Mngadi, kodwa lisaqhubeka nokudlondlobala nokuthandwa. 

Selajoyinwa ngoThokozani Radebe, nguNkosinathi Ngwenya, nguThami Khulu noSphamandla Masondo, oyindodana kaMdavu.

UBlack Mose ubuye waveza ukuthi bazokhumbuza abalandeli babo ezamzukwana uma eseklwebha i-keyboard, sebedlala kwi-Annual Heritage Festival, eNewtown, eGoli mhla ka-16 kwephezulu. 

Uthe bakhethe ukuxuba ngokulanda nabaculi okubalwa kubo uBig Zulu, uLwah Ndlunkulu nabanye abacula ezinye izitayela ukuze bonke abazohambela lo mcimbi, baphume bebheme bakholwa.

Amakhosi omGxobanyawo – njengoba leli qembu lidume kanjalo kubalandeli – azinameke ezinhliziyweni zabaningi ngoku-qhulula amanoni afana nathi, “Intombi Yami”, “Mama kaSbongile”, “Umshoza Wami”, “Ugruva Nobani”, “Isithothobala”, “Bazobuya” “Ndendende’. 

Awakayishintshi indlela yokugqoka umfaniswano odlise ngamahembe acwebelezayo nemidanso evusa uhlevane.

Kuma-albhamu angaphezulu kuka-40, iSoul Brothers esiwakhiphile, isike yasebenzisana nabaculi abahlonishwayo okubalwa kubona iHhash’ Elimhlophe – elaqala kuwo umbhaqanga, lidlala eqenjini iMitshotshovu – uSteve Kekana (ongasekho) neLadysmith Black Mambazo.

Omunye osanda kudlula emhlabeni nguHarry Belafonte wase-USA, owaba yiciko lokuqala laphesheya iSoul Brothers eyahlanganyela nalo kwi-albhamu ethi, “Paradise in Gazankulu”, eyakhishwa ngo-1988. 

   Le albhamu yayiqukethe izingoma ezazikhala ngobandlulo ebantwini abamnyama. Yayipike ukhilimu wabaculi okubalwa kubo uMarks Makwane esigingcini, uYoussou N’Dour waseSenegal (percussion), uWest Nkosi (pennywhistles) uBrenda Fassie noTu Nokwe belekelela ngamaphimbo abo amtoti.

Previous articleInkombankombane “ngezibozi” zamabhilidi
Next articleKulindwe umbiko kadokotela ngokufa komgijimi