Kufezeke iphupho ejoyina iPirates

505

UMakhaula angase abonakale koweBucs neSundowns

UMDLALI omusha we-Orlando Pirates uMakhehleni Makhaula othi bekuyiphupho lakhe leminyaka ukugijima kwezikaMagebhula

SENZO SOKHELA
KUFEZEKE iphupho leminyaka kumdlali nojoyine i-Orlando Pirates sekuvalwe amehlo ngenxa yeminyaka yakhe yobudala. IBucs imemezele ukuthi isayinise uMakhehleni “Zambrotta” Makhaula (33) odlala esiswini, obengukaputeni wamaZulu FC. UMakhaula usayina kwiBucs nje, bekuvele kunemibiko emkhomba kule kilabhu yaseSoweto yize ebesasalelwe yizinyanga eziwu-6 kwinkontileka yakhe noSuthu. ILANGA lithole ukuthi lo mdlali washo esekwiFree State Stars ukuthi isifiso sakhe wukuthi ngelinye ilanga adlale kwiBucs.


Kuthiwa ubehlale ebatshela ozakwabo kwiFree State, engasekho, ukuthi ngelinye ilanga liyofezeka iphupho lakhe njengoba sekwenzeka manje eseneminyaka engu-33. Uthi kumjabulisile ukuthi ekugcineni selize lafezeka iphupho lakhe. “Njengoba sengiyoqala isahluko esisha ebholeni lami, ngithanda ukudlulisa ukubonga ekilabhini yami yakudala. “Ngibonga ibhodi, ithimba labaqeqeshi, ozakwethu nabalandeli boSuthu. “Ngijabule ngendlela engachazeki ukuthi sengiyodlalela enye yamakilabhu amakhulu kuleli. “ Sengikulangazelele ukuba yingxenye yekilabhu nokuthi ngiyilekelele kwekufisayo,” esho.


UMengameli wamaZulu FC uSandile “The Zunguness” Zungu uthi uMakhaula bamkhulule ngaphandle kwenkinga futhi bamnika nezibusiso. “UMakhaula uhamba nezibusiso, uyisebenzele ngobuqotho le kilabhu engumholi wayo. “Yingakho eke wathola nomklomelo kamengameli nowePlayers Player kozakwabo kumasizini amabili edlule. “Sithi ndlelanhle kuyena,” kusho uZungu. UMakhaula kulindelwe ukuba abonakale okokuqala kweZimnyama ngoMgqibelo ngo-15h30 njengoba zizobhekana neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto.

  • Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership imi kanje:
    KUSASA NGOLWESIHLANU
    EDobsonville: Swallows FC vsm Richards Bay 18h00. EHarry Gwala: Maritzburg Utd
    vs AmaZulu 19h30.
    NGOMGQIBELO EPrincess Magogo: Golden Arrows vs Royal AM 15h30. ENelson Mandela Bay: Chippa
    United vs Stellenbosch FC 15h30.
    E-Orlando: Orlando Pirates vs Mamelodi Sundowns 15h30. ELucas Moripe: SuperSport Utd
    vs Cape Town City FC 17h30.
    ERoyal Bafokeng: Marumo
    Gallants FC vs Sekhukhune United 20h00. NGESONTO
    EMbombela: TS Galaxy vs Kaizer
    Chiefs 15h30.

Previous articleIZOKWENZA  kungasebenzeki kumasipala wesifunda eMkhanyakude iNkatha Freedom Party(IFP), njengoba ithi kufanele kuhlonishwe ilungelo labavoti.
Next articleYizingxoxo ezizocacisa ngomasipala