Kufezeke iphupho lokulingisa kumculi kamaskandi

356

MTHOBISI SITHOLE

KUFEZEKE iphupho lokulingisa kumculi kamaskandi osekunesikhathi eside engabonakali endimeni yezomculo. 

UBonakele Myeza (osesithombeni), ogcine
ukukhipha i-albhamu ngo-2019, uzobonakala emdlalweni kamabonakude othi “Impande” – uqoshwa yiRKP Media Production – ozokhonjiswa kwiSABC1 kusukela ngoMasingana (January) wonyaka ozayo. 

Uthi nakuba esengene wagxila emkhakheni wezokulingisa, kodwa ngeke awulaxaze umaskandi. 

Uthembise abathandi bomculo wakhe ukuthi uzozama ukubuyela kuwona ngonyaka ozayo. 

Uveze ukuthi usephazanyiswa kakhulu wukushutha iziqephu zalo mdlalo.

“Ngenyanga ezayo kufanele kushuthwe iziqephu eziwu-13. 

“Wumsebenzi onzima lona owenziwayo, owenza ngingakwazi ukugxila emculweni nakuba isililo sabantu sisikhulu kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngokunyamalala kwami,” kusho uBonakele.

Uthi kusukela ekukhuleni kwakhe, ubenothando lokulungisa, kodwa engalitholi ithuba lokuveza ikhono lakhe. 

Kulo mdlalo ulingisa indawo
yowesifazane okhohlakele,
ohamba ngemuva indoda yakhe enamabhizinisi. 

Uthi akaqali ukulingisa, yize phambilini elingise emidlalweni engachumanga.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKuxwayiswe abafundi “ngembuzi” becetshiswa ngamaqhinga ezivivinyo
Next articleAkusensuku zatshwala siphenduke imikhovu yabokufika