KUFIHLWE AMALUNGU AMAHLANU OMNDENI OWODWA ABHUBHA NGEZIKHUKHULA

319
AFIHLIWE amalungu amahlanu akwkaJileka ashona kuhlasela izikhukhula

INTATHELI YELANGA ANGCWATSHWE kanyekanye izolo ngeSonto amalungu awu-5 omndeni owodwa wakwaJileka, eGeorgedale, ngaseHammardale, entshonalanga yeTheku. Lo mndeni ungomunye wemindeni eminingi eshonelwe ngenxa yehlekelele yezikhukhula ezihlasele esifundazweni emasontweni amabili edlule. Umgcwabo walawa malungu okubalwa kuwo uBonakele Jileka (37), Akhile Jileka (12), Zekhethelo Jileka (10), Yenzokuhle Jileka (9), no-Elimiyo Jileka (2), ubuzinyaziswe nanguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala.


Isibalo esiqinisekiswe esimenyezelwe ngundunankulu izolo, sabashone kule nhlekelele besiwu-435, kuthi abangu-54 basanyamalele. Ekhuluma kulo mngcwabo uMnu Sihle Zikalala uthe: “Siyafuna ukuqinisekisa emndenini ukuthi nakuba kunje ngeke sinishiye nodwa. Sizohlala njalo sivela ukuniqinisa idolo, nokukwazi ukubambisana ukwakha kabusha impilo ibe ngcono.” Kulindeleke ukuba iqhubeke nakuleli sonto imingcwabo ehlu-kene yabashone kuyo le nhlekelele, kanti uhulumeni uthembise ukuthi uzofaka isandla, alekelele leyo mindeni edinga usizo loku-gcwaba. www.ilanganews.co.za

Previous articleOsomatekisi baseNanda bakhe amabhuloho
Next articleUmndeni udidekile ngokunyamalala kwendodana