IRichards Bay FC imile kwelokuthi inesivumelwano nalo mdlali
ZAKHELE MCHUNU
KUFUFUSA umbango ngomdlali okuvela ukuthi ubonakale emagcekeni eKaizer Chiefs ngoLwesine olwedlule futhi okunezinsolo eziqinile zokuthi usesayinile kuyona. URanga Chivaviro ongumgadli, usematheni kulezi zinsuku njengoba kuvela ukuthi usohlwini lwabadlali abafunwa yiChiefs ne-Orlando Pirates. Ezakamuva zithi ubonakale eNaturena ngeledlule, kanti uBobby Motaung oyimenenja ye-Chiefs, wenqabile ukuphawula kuleli phephandaba ngalo mdlali, ethi makuthintwe iMarumo Gallants abedlala kuyona ngesizini edlule. Nemenenja yalo mdlali, uHerve Tra Bi weTNB Sport, wale waphetha ukukhuluma ezithinta leli folosi elizakhele ugazi ngokubhakuzisa amagoli enze iGallants yafinyelela kwiSemi final yeCaf Confederations Cup ngesizini edlule.
ILANGA lithole ukuthi iRichards Bay FC ilele izibatha zikaxamu ngodaba lwalo mdlali ngenxa yokuthi wasayina inkontileka yesibambiso nayo ngoMasingana (January) walo nyaka. Kuthiwa okungenza ukubainkontileka ephethwe yiBay ingakwazi ukusebenza, wukuthi iGallants iveze ukuthi yayelula inkontileka yalo mdlali njengoba beyinombandela wokuthi le kilabhu egencwe yizembe ngesizini edlule kwiDStv Premiership ingakwenza lokho uma ithanda. UJames Dlamini oyimenenjajikelele yeBay FC, ekhuluma neLANGA izolo ngeSonto, uthe: “Kuwona wonke amakilabhu akwiDStv Premiership, yiBay FC kuphela engakwazi ukukhulula lo mdlali ukudlala lapho ethanda khona, ngoba sinenkontileka yesibambiso ayisayina nathi ngoMasingana.
“Nokho ukuphela kwento engasivimba, wukuthi iGallants iveze ukuthi inqume ukuyelula inkontileka yalo mdlali ngoba beyinombandela wokuthi ingakwenza lokho uma isathanda ukumgcina. “Kodwa uma iGallants inqume ukungayeluli inkontileka, lo mdlali ungoweBay, noma ngubani omdingayo kumele axhumane nathi ukuthola izibusiso.” Uthe yize nabo bamsayinisa ngoba bemdinga lo mdlali, ebholeni kuyaxoxiswana uma inhliziyo yakhe kucaca ukuthi seyikwenye indawo, kodwa konke kumele kwenzeke ngendlela eqondile, kungenjalo lo mdlali uzongakwazi ukukhahlela ibhola ngesizini ezayo. Imizamo yokutholakwi-Gallants ukuthi simi kanjani isimo senkontileka yalo mdlali, kayiphumelelanga njengoba uRufus Matsena oyikhulumelayo ebengalubambiucingo kanti nemiyalezo athunyelelwe yona akayi-phendulanga
kwaze kwashaya isikhathi sokuloba kucwebe iziziba.