Kufunwa abagqekeze indawo egcine indebe yamaBhokobhoko

252

INTATHELI YELANGA

AMAPHOYISA athungatha imigulukudu emibili egqekeze emahhovisi eSouth African Rugby Union (Saru), ePlatteklook, eWestern Cape ngoMsombuluko – lapho kuhleli khona umfuziselo weNdebe yoMhlaba enqotshwe ngamaBhokobhoko ngenyanga edlule. La masela kuthiwa akhale emuka nempahla yeSaru okubalwa kuyo amajezi nama-laptop

Isikhulumi seSaru, esikhulume neNetwork24, sikuqinisekisile ukugqekezwa kwale ndawo, sakuveza nokuthi izindebe – kubalwa nomfuziselo weyomhlaba, iWebb Ellis – kazithathwanga. Siveze ukuthi: “Izincwasimende ezimbili zigqekeze iwindi esitezi sokuqala sebhilidi, zazikholisa empahleni.” Kuntshontshwe amajezi awu-5 asayiniwe, ugologo nama-laptop awu-65. Kucelwa abanolwazi ngalezi zinswelaboya ukuba bashayele amaphoyisa ku: 08600 10111. (Bheka isithombemnyakazo)

Previous article16 November 2023
Next articleIthemba kwiSharks kubuya injini yamaBhokobhoko