Kufunwa izicucu zeziqu ezikhulwini zomkhandlu

900

Imeya ithi lokhu kuzoveza ukuthi zisezikhundleni ngokufanele yini

NONHLAKANIPHO SHINGA
LILOLIWE izembe ezisebenzini zikaMasipala waseZululand ezizohluleka wukuveza iziqu zazo ezinsukwini eziwu-7 ezinqunyelwe zona, ukuze kubhekwe ukuthi ziyifanele yini imisebenzi eziyenzayo. Lesi sinqumo sishiye i-EFF “ewuhlaka” lwe IFP kulo masipala ikhuluma izinto ezizwakala ziphikisana.

IMeya yaseZululand, uMfu Thulasizwe Buthelezi (osesithombeni), itshele ILANGA ukuthi ngesikhathi bekhankasa, bathembisa abantu bakulesi sifunda ukuthi bazoba wumasipala owenza izinto ngendlela efanele. Ithe lokhu kuyisiqalo sokulungisa izinto kulo masipala.


“Ngesikhathi kuphethe i-NFP, ngo-2011 kuya ku-2016, sathola ukuthi baningi abaqashwa bengenazo iziqu ezifanele, okwaba nomthelela omubi ngoba laba bantu bagcina beqhoqhobele izikhundla bengawazi umsebenzi. “Siyacabanga futhi ukuthi sebebenesikhathi esanele ukuthi bazithuthukise ngokwemfundo ngoba kasikhulumi ngabantu abaqashwe manje,” kusho iMeya uButhelezi.


Ngokuthola kweLANGA, le ncwadi ekhishwe yihhovisi lemenenja kulo masipala, uMnu Mpumelelo Manqele, ithi kusukela ngomhla ka-30 kuLwezi (November), zonke izimenenja namasekela azo, kumele ziveze iziqu zazo. “Ngisho yona imenenja kamasipala uqobo, kumele ikhiphe ezayo iziqu, sibone ukuthi ikulungele yini ukuba kulesi sikhundla sayo.


Labo okuyophela izinsuku eziwu-7 bengazithumelanga, kuzobe kufana nokuthi kabanazo ngoba siyobe sesibathathela izinyathelo. “Okuzotholakala ukuthi kaba-nazo iziqu, nabo bazothathelwa izinyathelo zomthetho,” kusho imeya. Kuthiwa zilinganiselwa ku-37 izimenenja, amasekela, nezinhloko eminyangweni ngaphakathi kumasipala okulindeleke ukuba zikhiphe iziqu.


“Engingakusho wukuthi inhloso ye-IFP wukubona bonke omasipala ebengamele, kube nomehluko, izinto zenziwe ngendlela. Lokhu ngeke kugcine kulo masipala wethu, kuzokwenzeka nakwabanye abenganyelwe yiNkatha. “Isifiso sethu esikhulu wukuthi uma sithembisa abantu intuthuko, sazi ukuthi izofika ngempela kubona ngoba siqashe abantu abafanele nabaziyo ukuthi bazokwenzani lapha kwamasipala,” kusho yena.


Uthi njengoba ebevele eyimeya kulo masipala, kodwa ihlandla waliqala seliphakathi (emuva kokushenxiswa kweNkosi Mzamo Buthelezi) ukhethe ukuthi ashintshe ukwenza manje. “Yisikhathi esisha esesikusona, ngakho-ke kumele kushintshe nendlela esenza ngayo izinto. Sifuna sithi siqhubeka nokusebenzela abantu bakithi sibe sazi ukuthi sonke sisekhasini elilodwa futhi siyawazi umsebenzi osihlanganisile futhi bonke abantu abasezikhundleni, bakuqeqeshelwe ukuba kuzona,” kusho yena.


UMnu Vusi Khoza ohola i-EFF KwaZulu-Natal, uthe bakholwa wukuthi uMfu Buthelezi usebenzisa amandla akhe njengemeya ukulwa izimpi zepolitiki. Uthi bathole imibiko ebeyiveza ukuthi uqale wabizela ehhovisi lakhe izisebenzi ezithile okwaziwayo ukuthi zidlelana neNFP, wathi ucela zihambe kumasipala. “Lezo zisebenzi zisibikele ngokuphatheka kabi kwazo njengoba sekuthiwa makuvezwe iziqu nje.


Njengoba lowaya masipala uthathwe yi-IFP ngevoti lethu, nayo imeya sesiyikhu-mbuzile ukuthi ihleli ngesinqe esisodwa laphaya. “Uma bengenzi izinto ngendlela, ivoti lethu sizolithatha ngoba kasifuni kudlalwe ngabantu. UButhelezi akafiki kulowaya masipala njengoba eke waphatha phambilini, ubengazifuni ngani iziqu sonke lesi sikhathi? Kasizimisele ngokusebenzisana nabantu abazodlala ngabantu bakithi,” kusho uMnu Khoza.


UMfu Buthelezi uthe i-EFF iyiqembu njengawo wonke amaqembu akhona kumasi-pala, kodwa umasipala wenganyelwe yi-IFP. “Kuwumsebenzi wethu ukwenza esikubona kufanele ukuthi siyise umasipala phambili,” kusho uMfu Buthelezi. Isekela meya kulo masipala, uMnu Thulani Ndlovu we-EFF, lithe bona bangosopo-litiki kabangeni emsebenzini wezikhulu zakwamasipala.


“Incwadi engiyibonile ibhalwe yimenenja yayisayina, esikholwa wukuthi yenza umsebenzi wayo. Njengosopolitiki kasikwazi ukungena entweni enjalo,” esho.

Previous articleZimakene izingqungqulu ngama-albhamu
Next articleUmfundisi udutshulwe wafa eshumayela epulpiti