SKHOSIPHI MTHEMBU
USAGCWELE amathafa owesilisa waseNkandla ofunwa uthuli ngamaphoyisa aseKhombe ngamacala amabili okubulala unina wezingane zakhe nodadewabo ngoNtulikazi (July)-2022. Amaphoyisa athungatha umkhondo kaMnu Nkosinathi Malevu osekuphele iminyaka emibili ewabalekela.
Kubikwa ukuthi uMalevu ufunelwa amacala amabili okubulala izelamani, uNkz Thulisile Lamola (29) noNkz Londiwe Lamola (33). Selokhu kwenzeka lesi sigameko kubikwa ukuthi umndeni wakwaLamola wathutha endaweni, waya ekubhaceni, usabela impilo yawo.
Kubikwa ukuthi ngosuku lwesigameko uMalevu wagasela emzini wakwaLamola emuva kokuba ebe nengxabano noThulisile ongunina wezingane zakhe ayemsolwa ngokujola nothisha owayefundisa naye kwesinye sezikole endaweni. Kuthiwa emuva kwale nxabano uMalevu wabe esethumela inqwaba yemiqhafazo esabisa umufi ukuthi uzombulala.”Emuva kwesikhathi esabise unina wezingane ngokumbulala, uLondiwe ongudadewabo kaThulisile ube esethatha ingane yakhe waphumela ngaphandle. Uthe ephuma nje wazithela phezu kukaMalevu, wabe esemdubula khona ephethe ingane encane, washonela khona lapho.
Waqeda lapho wabe esengena ngaphakathi endlini, abebephakathi bazama ukuphusha isicabha kodwa wabehlula ngamandla. Wafica endlini kukhona uThulisile, izingane zabo ezimbili kanye nomunye wodadewabo bakamufi, akakhulumanga lutho kunalokho wadubula phambi kwabo bebuka. Esehambile, wabe esethumelela uninakhulu wezingane zakhe umqhafazo, emtshela ngakwenzile futhi eqhosha ngakho naye emsabisa ngokuthi uzolandela,” kusho umthombo.
Uqhuba uthi uMalevu akagcinanga lapho kodwa wanikela kumngani wakhe owayesebenza naye lo thisha kanye noThulisile ngenhloso yokumbulala ngoba ecikwa ukuthi kungani engamtsheli ngalokhu ayekusola ngonina wezingane zakhe.
ILANGA lithole ukuthi iningi labantu lihlalele ovalweni njengoba uMalevu ethathwa njengomuntu oyingozi kangangoba nothisha ayemsolwa ngokujola nonina wezingane zakhe sewabaleka washiya esikoleni. Umthombo uveze ukuthi ngisho umngani wakhe lona oweyefundisa nothisha naye sewabaleka endaweni, washiya umsebenzi ngoba esabela impilo yakhe.
Ilungu lomndeni elingeke lidalulwe ukulivikela, lithi isimo sinzima njengoba umsolwa namanje esangcwele amathafa. Lithi njalo sebehlala ngokuthuka ngoba abazi ukuthi umsolwa uzobuya nini ezoqedela ayesekuqalile. “Lo muntu ubenodlame oluyisimanga, siyesaba ukuthi uma engaboshwa, nathi kungenzeka noma yini kithina, kasisahlali ekhaya ngenxa yakho ukwesaba. Umama yena isamudla indaba yokubulawela amadodakazi akhe womabili ngoba ngisho emzimbeni uyehla,” kusho lona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConst Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi inkantolo ikhiphe incwadi yokuba kuboswe uMalevu, wathi kucelwa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngoMalevu ukuba axhumane nomphenyi wecala uConts Mathebula kule nombolo ethi 0710071463 noma ashayele inombolo yamahhala 0860010111.