Kugcine kumenele owodumo kwiChiefs

255

INTATHELI YELANGA

KUGCINE kumenele uSiphiwe “Dr Mnandi” Mkhonza (45) wodumo kwiLamontville Golden Arrows neKaizer Chiefs, emuva kokubhekana nenkinga yenso isikhathi eside. Lesi sitobha – ebesesizakhele igama ngokuhlaziya unobhutshuzwayo kwaSABC, okuyilapho sithole khona elikaDr Mnandi – singeniswe esibhedlela iCharlotte Maxeke ngenyanga edlule, sadedelwa ngoba sesikhombisa izimpawu zokululama. 

Ukudlula kukaMkhonza emhlabeni kuqinisekiswe wumndeni wakhe ngesitatimende – esikhishwe ngesandla seSouth African Journalism Association (Safta) – esithe: “Usishiye kabuhlungu ekuseni namhlanje esekhaya. Ubenakekelwa yisinqandamathe sakhe esingunina wezingane zakhe ezintathu, uNondumiso Masengemi, emzini wabo oseRoodepoort. Umndeni uthanda ukubonga iSABC ebingabaqashi bakhe, ozakwabo, omakadebona kwezikanobhutshuzwayo nabangani abebelokhu benaye ngesikhathi egula.” 

Siqhube ngokuthi lo makadebona ushiye emhlabeni izingane zakhe, uyise uJoseph “Skheshekheshe” Mkhoza, unina uPhindile Mkhoza nomfowabo. Umndeni uthe uzobuye uyikhiphe eminye iminingwane mayelana nokufihlwa khwakhe.

 Kuzokhumbuleka ukuthi uMkhonza waqala ukugqama kwiBloemfontein Celtic ngo-1999 wagcina ukudlala egijima kwiBlack Leopards ngo-2012. Ngaphandle kwala makilabhu, wake wagijima nakwiRia Stars kaRia Ledwaba, yiSuperSport United, AmaZulu FC neMaritzburg United. 

Previous articleBadele ubuthongo belinde uGatsheni angene esiteji
Next articleZizovela enkantolo izisebenzi (13) zikaMasipala weTheku ezitelekile