PHUMLANI GAMA
KUGQAME umoya wozwano phakathi kwabaholi be-IFP nabe-ANC ngesikhathi beyobhonga emswaneni namhlanje KwaPhindangene, eMhlabathini njengoba kukhothame iNkosi Mangosuthu Buthelezi ebingundunankulu kaZulu futhi engumsungi weNkatha.
UShenge ubizwe ngoyisemkhulu ngoMgqibelo. Abaholi be-ANC bangene KwaPhindangene beholwa nguNkk Nomvula Mankoanyane oyisekela likanobhala-jikelele waleli qembu.
Ngaphambi kokuba bangene endlini, baqale ngokwangana, baxhawulana, kubonakala umoya wokuzwana phakathi kwabo (abe-ANC ne-IFP). Ethimbeni le-ANC, bekukhona nosihlalo wayo KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma.