kugqekezwe isitolo sotshwala kwamashu

867

THANDEKA NGOBESE

ZISAGCWELE amathafa izigebengu ezigasele esitolo esikhulukazi sakwa-Shoprite esisesiteshini saKwaMashu, ophikweni oludayisa utshwala zashaqa amabhodlela abizayo kagologo.

Ngokuthola kweLANGA, lezi zigebengu ezine kuthiwa zingene kulesi sitolo ngoLwesithathu ngo-2 ekuseni, zakhomba unogada ngezibhamu, zamphoqa ukuvula ibhodlela sitolo, zazitapela utshwala.

Lezi zigebengu kuthiwa zithathe utshwala obubizayo benani elingadalulwanga, zashaya zachitha nabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi amaphoyisa athungatha lezi zigebengu ngecala lokugqekeza. 

Kwesinye isigameko esenzeke ngoMsombuluko eBonnievale naseWorcester, eWestern Cape, kuboshwe amaphoyisa awu-11 abanjwe edayisa utshwala ngalesi sikhathi kugonqiwe. 

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vish Naidoo, la maphoyisa kuthiwa aphume esiteshini ethi kukhona isigameko abizwe kusona emuva kokuba kukhale i-alamu esitolo esidayisa utshwala, kanti ahubhuza amanga, ayodayisa utshwala.

“Kuphinde kwaboshwa amanye amaphoyisa amabili, elineminyaka ewu-45 nelino-50 ubudala emuva kokubanjwa oqotsheni ethenga utshwala eStrand Liquor njengoba kuvaliwe ukuthengiswa kotshwala nogwayi. 

“La maphoyisa aboshiwe, azovela maduzane enkantolo ngamacala okwephula umthetho obizwa ngeDisaster Management Act,” kusho uBrigadier Naidoo.

 

Previous articlei-supersport namafilimu ezemidlalo
Next articlekumisiwe ukwamukelwa kweziguli esibhedlela sase-toti