PHUMLANI GAMA
KUSOLWA umbango wezintombi ngesigameko sokugwazwa kubulawe umfundi egcekeni lesikole eMandlenkosi High, eLindelani, eThekwini ngoLwesibili. Kulesi sigameko kugwazwe kwabulawa uThabani Vilakazi (21) obefunda umatikuletsheni. Umsolwa osagcwele izinkalo, ufunda uGrade 11, kanti intombi ebangwayo yona ifunda uGrade 10. Kubikwa ukuthi bese kunezinsuku ezintathu iqalile ingxabano kamufi nomsolwa, sekungenelele abebeseka izinhlangothi zombili. Umthombo ongaphakathi kulesi sikole, uthe umsolwa ubalekile, futhi lokhu akwe nzile ubekuhlosile, yize ebengazitsheli ukuthi uzombulala.
“Sizamile ukubalamula ngesikhathi kuqala impi. Umgwaze phambi kwethu. Umsolwa akalwanga, uvele wadonsa ummese wagwaza umufi oshonele endleleni ebheke emtholampilo. “Umufi besifunda naye umatikuletsheni khona lapha esikoleni. Inkinga ekhona wukuthi izikhwama zethu kazibhekwa uma sizongena esikoleni. “Ukube kuyenzeka lokho, ngabe akangenanga nalesi silimazo lona ogwaze omunye,” kusho umthombo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala eliphenywa esiteshini sama phoyisa aseNtuzuma. “Umfundi oneminyaka ewu-21 ugwazwe nguzakwabo washona ngaphakathi esikoleni. Amaphoyisa asezithendeni zikamsolwa,” kusho uLt Colonel uGwala.