Kugxekwa iGcokama Elisha ngokufuna udumo ngoNyazi

1626

Bathi selikhathele wukungcofana nabanye abaculi, seligibela ekhanda loNyazi

THANDEKA NGOBESE

AYAVEVA amakhosi angamalungu ebandla lamaNazaretha endlini yaseBuhleni, eholwa yiNkosi Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe ngengoma yomculi kamasikandi, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele (osesithombeni) ethi, “NgiwuNyazi Lwezulu” ekwi-albhamu yalo mculi ephume ngoLwesihlanu, ethi‚ “Imfolomane”. 

Kule ngoma iGcokama lithi: “Mina ngiwuNyazilwezulu, sekukhonya mina manje. Ngihlule imantshi nabashushisi, sekukhonya mina manje.” 

Amakhosi akhonza kuleli bandla athi iGcokama ligagamele kakhulu uma selizibiza ngenkosi yawo. INkosi Wellington Qwabe yaKwaMaphumulo, ithi bebengazi ukuthi iGcokama seliyekile ukungcofana nabanye abaculi, kodwa seligibela phezu kwekhanda loNyazi. 

“Udumo ulufuna kabi uma enza kanje. Akaboni yini ukuthi uzivalela izinhlanhla ngoba uNyazi lubiziwe ukuba luzophilisa abantu? Yena uma esezibiza ngalo, uzibizela amashwa. 

“Kufanele abizwe lo mfana akhuzwe, ngiyabona ukuthi usemncane mhlawumbe akalwazi nalolu Nyazilwezulu azibiza ngalo ukuthi lungubani,” kusho iNkosi Qwabe.

 INkosi Mqoqi Ngcobo yase-Ndwedwe, ithe kayifuni nakuyikhuluma indaba yeGcokama Elisha ngoba kayazi nokuthi uma iwuvula umlomo wayo, izothini kulona ngoba liqhuba intwala ngewisa. 

Kule ngoma uma selizibongela iGcokama, lithi: “Khala Sathane sengikwehlule.” Kube namaphimbo alivumelayo athi “Ameeeen”.Liqhubeke lithi: “Phuma Sathane sengikwehlule manje.” Aphinde futhi amazwi avumayo athi: “Aaaaamen”. 

Lo amen awusho ngendlela efanayo neyamaNazaretha. 

IGcokama lithi amaNazaretha mawehlise imimoya, alisho iNkosi yawo, lizibiza ngombani wezulu wemvelo. 

“Uma umuntu eseka i-Orlando Pirates, uzibiza ngeBhakabhaka, abakaze balwe o-Irvin Khoza ngalokho. Mina ngizibiza ngonyazi lwezulu ngenxa yezenzo zami ezishesha njengombani wezulu. 

“Ngifika eMoses Mabhida Stadium, eThekwini emcimbini wokugcwalisa le nkundla (owawuhlelwe ngumculi kamaskandi uKhuzani “iNdlamenze” Mpungose ngonyaka odlule), ngafikisa okombani, kwama yonke into abantu babuka mina ngaqeda lapho  nganyamalala. 

“Uma ngithi ngihlule izimantshi nabashushusi, ngizisho mina, senikhohliwe yini ukuthi nani lapho nake nangibopha ngalala ezitokisini ngenxa yeLANGA,” kusho iGcokama.

Okhulumela indlu yaseBuhleni, uMnu Thokozani Mncwabe, uthe iGcokama linenkinga, kukhona izinto okumele lilungiselwe zona kubo, abakubo balitshele nangomlando walo. 

“Lo mfana uzifunela udumo. AmaNazaretha mawangamnaki ngoba uma emnaka, uzothola udumo lolu alufanayo. 

“Munye umuntu owujikelele odumile, wuNyazilwezulu futhi nguyena yedwa inkosi akekho onjengaye,” kusho uMnu Mncwabe. 

Previous articleSibona sakhelwa itulo isikhulu sePMB Utd
Next article“Ubulele umyeni” kubangwa impesheni