Kugxekwa isihe kubadlali bePirates

291

Umqeqeshi weBucs uthi uBaxter uxolisile ‘ngokunqoba kungafanele’

UKEAGAN Dolly weKaizer Chiefs emakwa nguThabang Monare we-Orlando Pirates eguqe ngo-2-1 koweligi ngoMgqibelo eFNB Stadium, eGoli.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates ukhale ngokuba nomusa oyizigaxa kwabadlali bale kilabhu abasola ngokupha izitha amagoli alula emuva kokuba le kilabhu ihlulwe yiKaizer Chiefs ngo-2-1 koweDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eGoli.

UFadlu Davids oqeqesha iBucs ngokubambisana noMandla “Mhloli” Ncikazi, uthe lesi sihe sezakhe senza le kilabhu ilahleke-lwe yimidlalo emqoka. 

Ukhuluma ngalolu hlobo nje uDavids, uThulani “Tyson” Hlatshwayo obegqoke ibhande likakaputeni kulo mdlalo, uphe iChiefs igoli lokuqala elahla ibhola endaweni eyingozi.

Womabili amagoli eChiefs ashaywe nguKeagan Dolly kwathi eleBucs labhakuziswa ezintanjeni nguLinda Mntambo. 

Igoli lesibili likaDolly kube yiphenathi edaleke ngokudlaliswa kabi kukaKhama Billiat ebhokisini. Uyivalele umdlalo sewusalelwe ngamanenjana ukuba uphele.

UDavids, obezwakala ngemuva komdlalo ukuthi unezinkonondo ngephenathi kaDolly, uthe ezakhe kuzofanele ziyeke ukuba nomusa oyizigaxa njengoba ziphisana ngamagoli alula ezimbangini, zingawacelile.

“Uma umqeqeshi weChiefs (uStuart Baxter) eza kimina ngemuva ko-mdlalo ezoxolisa ngephenathi aba-yinikiwe, nangamaphenathi esingawanikwanga kodwa obekufanele ukuba siwathole, lokho kusho oku-thile.

“Umdlalo besiwuthwele uqala kwaze kwaba uyophela. Ngesikhathi sekhefu sibatshelile abadlali bethu ukuthi ukuthwala umdlalo kakusho lutho, kufanele sihlohle amagoli. Sinenkinga enkulu phambi kwamapali, sifana nabantu abalimele.

“Kodwa-ke okunye okusibulalayo wukuba nomusa oyizigaxa, sivele siphe izimbangi amagoli alula. 

“Uma ubheka kahle sibaphe igoli lokuqala sabuye sazobanika elesibili okuyiphenathi engishiye nemibuzo. 

“Kodwake ngiyaziqhenya ngaba-dlali bami ngendlela abawuthwale ngayo umdlalo. Nokho kufanele siyiyeke le nto yokuba nomusa wokuphisana ngamagoli ezimbangini zethu,” kusho uDavids.

Uthe iqembu obekuyilona elingcono ngelehluliwe kulo mdlalo.

Previous articleBabonga amandla kaShenge abe-IFP
Next articleSimsebenzele isiZulu ohlwithe uMngeni