THANDOLUHLE NGUBO
KUGXEKWE inyunyana yamaphoyisa, iPoprcu ngokukhipha udaba olumayelana nokukhokhelwa kwamaphoyisa ayesebenza ngesikhathi kunokhetho, ngaphandle kokulandela imigudu, njengoba ikhala ngokuthi amaphoyisa asakhokhelwe imbijana kulokhu ayekuthenjisiwe. UBrig Athlenda Mathe, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uthe akukho okushintshile esivumelwaneni samaphoyisa neziphathimandla njengoba izinhlelo zokuwakhokhela zisaqhubeka, wagxeka le nyunyana ngokukhipha lezi zindaba ngaphandle kokulandela imigudu efanele.
“Ukukhokhelwa kwawo ngeke kube yinto esheshayo ngoba lapha sikhuluma ngamaphoyisa angaphezulu kuka-55 000 kuzwelonke. Uhlelo lokuthi siwakhokhele lusaqhubeka. Ukucacisa nje, amaphoyisa ayezohlomula ngezindlela ezimbili, okuyiSpecial Allowance Flat Rate (SAFR) nenkokhelo yesikhathi esengeziwe. Njengamanje sisakhokhele amalungu awu-66% kwiSAFR kanti eNorthern Cape wonke amalungu asekhokheliwe, eLimpopo kusele u-10%. Okwenza kuthathe isikhathi eside wukuthi kunohlelo lokukhokha esihambisa ngalo,” kusho uBrig Mathe.
Izikhalo zokungakhokhelwa kwamaphoyisa zizwakaliswe yiPopcru KwaZulu-Natal, ngomlomo kanobhala wayo, uNkk Nthabeleng Molefe.
Uveze ukuthi amaphoyisa ayesebenza ezikhungweni zokuvota ezilinganiselwa ku-5 000 ezweni lonke ngesikhathi sokhetho, asakhokhelwe ingxenye yemali ayethenjiswe yona. Uthe akhokhelwa imali yamahora awu-12 ekubeni esebenze awu-24 kuya kwawu-36. Uqhube ngokuthi inyunyana ihlanganile nezikhulu zamaphoyisa ngoLwesithathu ukudingida lolu daba, kodwa zangaphuma nezimpendulo ezigculisayo njengoba ethi imali eyakhishelwa ukukhokhela le mihlomulo ayenele.
Ngaphambi kokhetho uMkhuzi wamaPhoyisa kuZwelonke, uGen Fannie Masemola, wamemezela ukuthi kuzotshalwa amaphoyisa awu-17 000 ukuqapha ukhetho KwaZulu-Natal, ngemuva kwezinsuku ezimbalwa ludlulile, wamemezela ukuthi sesandisiwe isibalo ngenxa yezinsolo zokusuka kwezibhelu okuthiwa zazihlongozwa yidlanzana elalingeneme ngemiphumela yokhetho.
ngubo@ilanganews.co.za