LUCKY CAIN
SIHALALISELWE wuhulumeni isilomo saseNingizimu Afrika, uDJ Black Coffee ngokuqopha umlando wokuba yiciko lokuqala lakuleli ukuba nomcimbi waso phesheya kwezilwandle. UBlack Coffee – ogama lakhe langempela nguNkosinathi Maphumulo – ugcwalise eMadison Square Garden, eNew York, e-United States of America, ephelezelwa ngabanye bakuleli okubalwa kubo iMajor League DJs, u-Oskido, uMondli Ngcobo, uShoba, uBucie noMsaki. Uhalaliselwe nguNgqongqoshe wezokubuCiko namaSiko, uMnu Zizi Kodwa ngale ngqophamlando. UKodwa uchaze lo DJ njengesibonelo esihle entsheni yakuleli. Uthe uBlack Coffee usaqhubeka nokubeka iNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba ngekhono lakhe kanti leli lizwe liyaziqhenya ngaye nangempumelelo yakhe. UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube, naye uwuncomile umsebenzi omuhle owenziwe yilo DJ. Uthe akwenzile akakwenzelanga lesi sifundazwe kuphela, kodwa wenzele iNingizimu Afrika yonkana. “Siyaziqhenya ngomsebenzi omuhle awenzayo emhlabeni jikelele siphinde sibongene nabanye abaculi bakuleli abathole ithuba lokunandisa noBlack Coffee kuleli,” kusho uNkk Dube-Ncube.
UBlack Coffee ungomunye woDJ bakuleli abaphumelele njengoba eseke wahlabana ngendondo yomhlaba yeGrammy neyeBET. Useke wahlabana ngenqwaba yezindondo zakuleli okubalwa kuzo neSAMA.