Kuze kwasa kugqashuka imbadada
MTHOBISI SITHOLE
UBEYIMPUMELELO na-kuba ube neziwombe eziphoxayo umcimbi ka-maskandi onedumela, iMpucuzeko kaMaska-ndi Festival, obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo.
Isiwombe esisike ukhasi ngeso-kuhlupha kwesandisamsindo (sound system), esikhalise abaculi abaningi salandelwa ngesokuhhe-wulwa kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, obeyothula inkulumo yokubingelela.
Akakwazanga ukubekezela uMnu Zikalala abalandeli bakamasikandi njengoba bekhombise ukungamemukeli, uthe engena nje, bavele ba-khala bathi makaphume. Kwehlule ngisho umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela ethi akwenziwa lokho, ibalulekile inhlo-nipho. Bekunaneziwombe zoku-ngcwekisana kanzima kwezinsizwa.
ukungakhali kahle kwesandisa-msindo kakwehlanga kahle kubaculi nakubona abalandeli uqobo. UKhayelihle “Potso” Ngobese wa-Mageza Amahle, u-Ali Mgube,
uNyonemhlophe noKhuzani
“iNdlamlenze” Mpungose, ngaba-nye babaculi abakhale kuzwa aba-ntu ukuthi impela isandisamsindo kasishayi khona, kodwa bazobeke-zela ngoba sebeze bangena esiteji.
UPotso ucule kancane wathi isi-mo kasivumi, uyahamba. Uveze no-kuthi kubuhlungu ukuhlala ubusu-ku bonke ekugcineni bese ungeneli-seki. Abalandeli bakamasikandi ababaphazamisanga abaculi esteji njengoba kuyinto ejwayelekile, kwazise kumasikandi kukhona uku-ngezwani kahle kwabanye abaculi.
Nabo abaculi bakhombise uku-ngabi nochuku njengoba uma kunezimo ezingabaphethe kahle, beva-misile ukuba nezinkulumo ezidu-nga abantu. Lokhu kwenze kwahe-leza umoya wokubambisana kubalandeli.
Kunezikhathi lapho kuke kwa-phazamiseka khona uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele ngabo-23h30, sekumele angene esteji, isigi-ngci sala ukukhala into ephilayo izikhawu eziningana. Insizwa ebimshayela isigingci ibisilokhu ingena iphuma esteji, kwaze kwa-valwa ihlazo ngabanye abaculi ku-sazanywa ukusilungisa. Besivele sikhale into ebheke eceleni yize osishayayo ebethi ubekwenze ko-nke ukusisetha ngendlela efanele ngaphambi kokuyongena esteji.
Kwenzeka lokhu nje, uKhuzani obekumele angene ngo-12 phaka-thi kwamabili – njengoba ayeshilo ukuthi usenqume ukucula ngalesi sikhathi kuyona yonke imicimbi – kudingeke ukuba abahleli bomci-mbi baxoxe naye nomshungu wa-balandeli bakhe abebesemuva kwesiteji.
Abalandeli bebethi sekuyisikha-thi seqhawe labo, kumele linikezwe isikhathi salo, kabahlangene nezinkinga zomunye umculi. Nge-ndlela obesekwenzeka ngayo, be-kubukeka sengathi sekungasuka uthuthuva, kodwa nalo iGcokama langena esteji langathi vu ngalo-kho, lazithathela isigingci salo la-zishayela enye yezingoma zalo kwachwaza inkundla.
Abantu bebebulala inyoka, abalandeli bedliselana ogageni nge-ngqephu. Umcimbi uqale ngo-10h00 ngoMgqibelo waze waphela ngeSonto ekuseni ngo-6. UThoko-zani “Somnandi” Langa noJaiva abaculanga ngenxa yokuphela kwesikhathi.
mthobisis@ilanganews.co.za