SKHOSIPHI MTHEMBU
USHAQWE ngamaphoyisa phambi komndeni wakhe ngoLwesihlanu, kwahlabeka umkakhe uthishanhloko wesikole samabanga aphansi KwaMaphumulo, mayelana necala lokubulawa kwephoyisa likaMasipala weTheku.
ILANGA lithole ngomthombo ukuthi ngesikhathi ezikadalawane zimshaqa uthishanhloko, kuphume umkakhe wayobuza amaphoyisa ukuthi uboshelwani. Uchazelwe kuthi uthinteka ecaleni lokubulawa kukaCapt Thomas Ntombela (osesithombeni) – owabulawa ngoNdasa (March) nonyaka.
Lo thishanhloko ujoyina abanye abasolwa okunguNkk Nongcebo Ntombela – oyinkosikazi kamufi – noKhulani Cele oyisiboshwa esidonsa udilikajele ngecala lokubulala ikhansela. Inkabi eyadubula yabulala uCapt Ntombela, uMzokhona Ntombela, isivele idonsa iminyaka ewu-20 emuva kokuvuma icala.
ILANGA lihabule ngomthombo ukuthi uthishanhloko uswele umgodi wokucasha ngesikhathi oKlebe bevumbuka engazelele emzini wakhe, KwaMaphumulo. Kuthiwa oKlebe bebemlalele unyendle emgwaqweni ongenela kwakhe. Kuthe angaqhamuka ngemoto, bamelusa waze wayongena esangweni lakwakhe. Uthe engena nje, zamkhalela.
ILANGA lithole ukuthi imoto eyasetshenziswa yinkabi ngesikhathi iyobulala uCapt uNtombela, yayigcinwe emzini walo thishanhloko kanti nesiqophamkhondo (tracker) sakhishelwa khona.
Nezibhamu zikamufi – okungesomsebenzi nesinye okusolwa ukuthi wabulawa ngaso – kuthiwa zatholwa emzini walo thishanhloko. Ngesikhathi inkabi igonyuluka enkantolo, yaveza ukuthi imoto eyayihamba ngayo kwakungekamufi, yayilanda naye lo thisha-nhloko kuNkk Ntombela eMega City, eMlazi.
Yaveza ukuthi ngisho isiyokwenza umsebenzi, yadlula yathatha imoto emzini kathishanhloko, okwathi isiqedile, yaphinde yagcinwa khona. UMnu Nkosinathi Ntombela oyiwele likamufi, uthe bajabule kakhulu ngezindaba zokuboshwa komunye umsolwa.
“Ngesikhathi inkabi igonyuluka emndenini baningi eyababala, akuphelile ngalona. Sinethemba lokuthi baningi abasazolandela, bachaze iqhaza labo ekubulaweni komfowethu. Siyazi nokuthi yacashiswa kuphi (inkabi) emuva kokubulala umfowethu. Sibonga ukuzinikela kwamaphoyisa. Ngikhuluma nje, kade siyolanda imoto yomfowethu, umkakhe aboshwa ehamba ngayo. Ezinye kasikwazanga ukuzithola ngoba sitshelwe ukuthi zizoba yingxenye yobufakazi njengoba busaqoqwa” kusho yena.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLt-Col Simphiwe Mhlongo, ukuqinisekisile ukuboshwa kwalo thishanhloko. Uvele enkantolo izolo ngecala lokubulala nelokudukisa ingalo yomthetho.
skhom@ilanganews.co.za