Kuhlehle olokuqokwa kwemeya yeTheku ngenxa ye-IEC

186

INTATHELI YELANGA

USAZOQHUBEKA nokuhlala ungenayo imeya uMasipala weTheku emuva kokuba umhlangano obekufanele iqokwe kuwona namhlanje ngoLwesibili uhlehlisiwe ngenxa yokungatholakali kwethimba le-IEC ebelizophatha umsebenzi wokuqokwa kwayo. USomlomo weTheku, uMnu Thabani Nyawose (osesithombeni) uthe adaba lokuqokwa kwemeya belusogqokweni ezintweni ebezizodingidwa emhlanganweni wanamuhla, kodwa kwangenzeka. “Kumele i-IEC ibe khona ukuphatha umsebenzi uma kuzokhethwa imeya ngoba kuvotwa ngokuyimfihlo. Angikwazanga ukuthola ithimba le-IEC ukuselekelela kulo msebenzi,” kusho uNyawose. Uveze ukuthi nenhloko yezimantshi ebizofungisa imeya, ithe ngeke isakwazi ukuphumelela. 

“Ibivumile inhloko yezimantshi ukuthi izoba khona, kodwa izolo (ngoMsombuluko) ngatshelwa ukuthi ngeke isaba khona, icela ngiqoke olunye usuku (lomhlangano),” kusho uNyawose. Uthe umhlangano wokuqoka imye uyoze uhlale maphakathi noma ekupheleni kukaNtulikazi (July). 

Kuzokhumbuleka ukuthi iTheku kalinayo imeya emuva kokuba uMnu Mxolisi Kaunda – obeqhwakele kulesi sigqiki esishisayo – etshalwe yiqembu lakhe i-ANC kwiNational Council of Provinces emasontweni amabili edlule. 

Kwenzeka lokhu nje, ILANGA izolo libike ukuthi uMnu Cyril Xaba owake waba ngungqongqoshe wezolimo KwaZulu-Natal, nguyena ongase athathe lesi sikhundla. 

Previous articleURamaphosa “unovalo” lokungethenjwa kukahulumeni wobambiswano ngenxa yokudonsisana kwamaqembu ngezikhundla
Next articleSivele enkantolo isisebenzi saseDUT kwelokunukubeza isitshudeni (19)