Umndeni wonke kawukakwamukeli ukudlula kwakhe emhlabeni
MFANAFUTHI NDLOVU
UKUHLABEKA kukanina ka-Anele “Gondwe” Ngcongca (osesithombeni), kuholele ekutheni kuhlehle umngcwabo walesi sitobha seMamelodi Sundowns ebese sisayine kumaZulu FC, sibolekisiwe.
UNgcongca wadlula emhlabeni mhla ka-23 kuLwezi (November) emuva kwengozi eyenzeke ngezintathakusa emgwaqweni owuthelawayeka, ngaseMthunzini.
Lo mdlali owayehamba nowesifazane othile ngesikhathi eshona bekufanele afihlwe izolo ngoLwesithathu kodwa ngenxa yokuthi unina akaphathekile kahle empilweni, kwaphoqeleka ukuba umngcwabo uhlehlele umhla ka-10 kwephezulu.
Kuthiwa unina akaphathekile kahle empilweni selokhu wezwa izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ngoba ubeyithanda kakhulu indodana yakhe.
Phambilini kuke kwavela ukuthi uNgcongca uhamba emhlabeni nje, ubezibophezele ngokuyogubha usuku lokuzalwa kukanina okungabanga kusenzeka. USiyasanga Ngcongca ongudadewabo ka-Anele, bekuzwakala ngisho ocingweni ukuthi le nto iyabakhinyabeza bewumndeni.
Unxuse intatheli ukuba ithintane ngqo neMamelodi Sundowns ngoba nakubona akukenzeki ukuthi bamukele isimo, futhi kabazi ukuthi kumele benze njani ukudlula kusona.
UMike Makaab wePro Sports International, obeyimenenja yalo mdlali, uzwakalise ubuhlungu obuzwiwa wumndeni ngalesi sikhathi. Uthe u-Anele ubengumdlali obemnene, ebazisa abantu futhi ezihlonipha kakhulu. Uthe balahlekelwe kakhulu.
“Ngizomkhumbula kakhulu u-Anele, namanje kusenzima ukwamukela isimo esibhekene naso eNingizimu Afrika jikelele.
“Ngithi emndenini wakhe mawududuzeke ngalesi sikhathi, konke ukubeke kumdali okunguyena ophethe impilo yethu,” kusho uMakaab.
Uthi ubesezwile ukuthi izinhlelo zokumfihla sezishintshiwe njengoba unina kusenzima kuyena (ukwamukela) okwenzeke endodaneni yakhe.
USandile Zungu ongusihlalo wamaZulu FC, exoxa nabezindaba ngoLwesibili ngesikhathi kwethulwa abadlali abasha eGoli, uzwakalise ukuphatheka kabi ngokudlula kukaNgcongca abenethemba lokuthi uzokwenza umsebenzi omkhulu eqenjini.
Uthi yonke imidlalo ezayo yeDStv Premiership bayibeka kuyena lo mdlali. Uthi okubuhlungu wukuthi ubeseke wahlala nabadlali, waqala nokujima nekilabhu kanti ukufa kuzomnqinda amandla.