Kuhlehle umngcwabo sommeli kubulawa umfowabo

404

PHUMLANI GAMA noTHANDI ZONDI

WETHUKA izanya umnde-ni wommeli obengusomatekisi olalelwe unyendle, wathelwa ngemvula yezinhlamvu ngoLwesibili. 

Osekwenza lo mndeni udliwe kakhulu yingebhe, wukuthi kubuye kwadutshulwa umfowabo kamufi ngosuku olwandulela umngcwabo wakhe eNtshanga, eThekwini. 

UMnu Zwelithini Luthuli (53) (osesithombeni), udutshulwe ngababulali abangaziwa, okusolakala ukuthi bebemlinde ngaphandle kwesango lomuzi wakhe. 

Kuthiwa izinkabi ziqale ukumdubula evala isango ngaphambi kokuba aphume elibangise emzebenzini. 

Umndeni ubuhlele ukuthi abekwe endlini yakhe yokugcina izolo ngeSonto. 

Akubange kusenzeka lokho emuva kokuba ababulali bebuyile, badubula babulala uMnu Sandile Luthuli (30), ngoMgqibelo ntambama. 

Ilungu lomndeni elicele ukuba ligodlwe igama lalo ngenxa yesimo, litshele ILANGA ukuthi lizwe ukuqhuma kwezibhamu, kodwa langazitshela ukuthi kubulawa ilungu lomndeni wabo. 

 “Ngeke sisakwai ngisho nokuqhubeka nezinhlelo zokungcwaba kule ndawo ngoba sibi kakhulu isimo esibhekene naso. 

“Bekuvele kunombango ngaphakathi ebhizinisi lamatekisi. 

“Okusihlalise kabi wukuthi sesikuzwile okuningi okuthiwa kuhlelwa ngabantu esisola ukuthi banesandla ekufeni kwama-lungu omndeni. Sitshelwe ukuthi amatekisi nezimoto ezincane kuzothungelwa ngomlilo. Kuthiwa kuzobhujiswa umndeni ngebhomu. 

“Umngcwabo siwuhlehlisele usuku olungaziwa njengoba singeke sisakwazi ukuqhubeka nawo kule ndawo,” kusho ilungu lomndeni. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aphenya amacala okubulala avulwe ngemuva kokudutshulwa kwabesilisa ababili abaneminyaka ephakathi kwewu-53 no-30 ubudala. 

Uthe kayikaziwa imbangela yokubulawa kwabafi. 

Previous articleBafuna kutshalwe amasosha eNanda ngenxa yobugebengu
Next articleKusolwa umnakwabo kodutshulwe wabulawa