Kusolwa izinkinga zangaphakathi kwi-ANC
NONHLAKANIPHO SHINGA
KUSOLWA ukuxoveka kwe-ANC eThekwini ngokuhlehliswa komcimbi wokubekwa
ngokusemthethweni kwemeya entsha kaMasipala weTheku – uMnu Mxolisi Kaunda obese
kusele amahora ambalwa nje wenziwe.
Ngokusho kukaNkk Nicole Graham, ongumholi weqembu eliphikisayo eThekwini, iDemocratic Alliance (DA), kunezinsolo zokuthi kunokungaboni ngaso linye ngaphakathi kwi-ANC, okuyikho okuholele ekubeni kuhlehliswe lo mcimbi isigubhukane nangaphandle kwencazelo.
“Kuyasidumaza ukuthi namanje kuhlehla izinto ezibalulekile ngenxa yokuthi i-ANC
inokungaboni ngaso linye. Kuyimanje kasinazo nathi izizathu zokuthi kungani lo mcimbi
uhlehlile,” kusho yena.
UNkk Graham uveze ukuthi naye uthole umqhafazo nje obumtshela ukuthi umcimbi
wokugcotshwa kwemeya usuhlehlile futhi kalukho nosuku oselunqunyiwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule i-ANC imemezele ukuthi uNgqongqoshe wezoku-
Thutha nokuVikelwa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Kaunda nguye osezoqhoqhobala
lesi sikhundla.
Ubezobekwa ngokugcwele namhlanje ngoLwesine ngemuva kokwesula kobeqhoqhobele
lesi sikhundla, uNkk Zandile Gumede ngoMsombuluko.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNkk Gumede ungaphandle ngebheyili ngemuva kokubekwa
amacala okukhwabanisa mayelana nethenda yokuthuthwa kukadoti kuleli dolobha
yemali elinganiselwa ku-R208 million.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnu Msawakhe Mayisela, ukuqinisekisile
ukuhlehliswa kokubekwa kwemeya wathi yingoba bezingeziningi izinto obekumele zixoxwe
wumkhandlu wedolobha.
Ebuzwa ukuthi kakukhona yini ukuthi kunemibiko ethi i-ANC yiyona ebe nomthelela
wokuhlehla kwalo mcimbi ngoba kuxabene ubendle kuleli qembu, uthe: “Kangikwazi-ke
konke lokho, seningakubuza kuyona i-ANC. Sizonazisa uma usuku olusha selunqunyiwe.”
Ucingo lukaMnu Ricardo Mthembu okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, belungangeni.
UMnu Bongani Mthethwa osebenza ehhovisini lezokuxhumana kuleli qembu, uthe uMnu
Mthembu ubebambeke esishayamthetho.