Abantu kuthiwa mabaqaphelisise imigomo nemibandela yokusebenza kwama-App
SIKHONA ngempela isidingo sokutatazeliswa yimigomo nemibandela emisha ezokwethulwa wuWhatsApp? USLINDILE KHANYILE uxoxe nongoti bezobuchwepheshe ngalesi siphithiphithi.
BEKUPHITHIZELA kuWhatsApp nakwezinye izinkundla zokuxhumana ngendaba ebisegudwini yokuthi le nkampani “isizofunda futhi ilalele imiyalezo yethu”, “izontshontsha imininingwane yethu yasebhange” futhi “izobona yonke into esiyenzayo ocingweni”.
Esiphithiphithini babodwa abebememezela ukuthi bona sebezotholakala kuTelegram kuphela, kanti abanye abanamaqoqo kuWhatsApp bebebuzana ukuthi kuzokwenziwa njani njengoba ngathi ngeke kusaxhumaneka kule nkundla.
Nosomabhizinisi okusanda kumenyezelwa ukuthi ungumuntu ocebe kunabo bonke emhlabeni nowumsunguli weTesla, u-Elon Musk, uwukhwezele lo mlilo ngokugqugquzela abantu kuTwitter ukuba basebenzise uSignal.
OKUSUSE ISIDIDIDI
Isidididi sisuswe yisimemezelo sikaWhatsApp sokuthi usubuyekeze imigomo nemibandela yokusebenzisa le nkundla kanti kuzodingeka wonke umuntu ayivume.
Ithe abangeke bakwenze lokhu ngeke besaba ne-akhawunti kusukela kusasa mhla ka-8.
U-WhatsApp uthi imiyalezo izohlale iyimfihlo phakathi kwakho noxoxa nabo, kanti iyayicisha imiyalezo emuva kwezinsuku eziwu-30 uma isuke ingafikile kumuntu obumthumelela.
Uthi imininingwane yakho eyithathayo efana negama lakho, inombolo yakho yocingo, imininingwane yamaqoqo oyingxenye yawo uwudingela ukukwazi ukuphucula okutholayo kule nkundla.
Kuhlomule izimbangi zale nkampani uTelegram noSignal ngalokhu, njengoba abantu bebalekele lapho “kuphephe khona”.
Ngokwemibiko yabezindaba ehlukene, bawu-25 million abantu abajoyine uTelegram kule nyanga, nosekwenza le nkampani ibe nabantu abangaphezu kuka-525 million abayisebenzisayo nyanga zonke.
U-Signal wona ujoyinwe ngabantu abangaphezu kuka-7.5 million, nokwenza ibe nabantu abangaphezu kuka-20 million abawusebenzisayo. Bawu-2 billion abantu abasebenzisa uWhatsApp.
Kuzwelile lokhu kuWhatsApp njengoba ukumisile ukwethula le migomo nemibandela emisha ngenxa yaloku kudideka okukhona.
OKUSHIWO IZISHOSHOVU
Nakuba izishoshovu zokuvikelwa kweminingiwane yomuntu zibhoka zikhahlela kodwa ongoti bezobuchwepheshe bathi yihaba leli ngoba empeleni akutho okusha okuzokwenziwa yile nkampani evele ingakwenzi futhi okungenziwa ngezinye izinkampani ezinjengayo.
UMnu uThami Nkosi weRight2Know, izishoshovu ezingahambisani nalesi siphakamiso, usole uFacebook, ongabanikazi bakaWhatsApp, ngokuthi kade wawuqala lo mkhuba wokuzenzela umathanda ngemininingwane yabantu nangokuyidayisela ezinye izinkampani.
“Into abantu abaningi abangayazi wukuthi uFacebook ungabanikazi bakaWhatsApp no-Instagram futhi bayayithatha imininingwane kuzona zonke lezi zindawo bayisebenzise.
“Sifuna abantu bazi ukuthi zikhona ezinye izinkundla zokuxhumana abangazisebenzisa nje-ngoSignal noTelegram,” kusho yena.
UNkosi uthe uSignal noTelegram abawugcini umlando wokuthi umuntu wenzani kulezi zinkundla zokuxhumana.
Uthe okunye okubakhalisayo wukuthi kuFacebook ibuye iputshuke iminingwane yabantu. UFacebook wathenga nguWhatsApp eminyakeni embalwa edlule ngo$22 billion.
Kodwa uMnu uMaxwell Ramutla, usomabhizinisi kwezobuchwepheshe, uthe abantu kumele bazi ukuthi ayikho into yamahhala emhlabeni.
Uthe njengoba ukusebenzisa uWhatsApp nawo wonke amanye ama-App kumahhala kodwa kunendlela okumele lezi zinkampani ziyenze ngayo imali ngoba kunezindleko ukuba nalama-app.
“Mhlawumbe iphutha elenziwe wuFacebook wukuphumela obala ngokuthi uyenza kanjani imali. Abantu kumele bazi ukuthi izinkundla zokuxhumana akulona usizo lukahulumeni noma ilungelo labo, lezi zinkampani zisebenzisa izigidi ukwakha lama App, kumele kube nendlela yokubuyisa leyo mali.
“Uma ungakuthandi lokho, phuma kuzona,” kusho yena.
URamutla wengeze ngokuthi ngisho abantu bangabalekela ezimbangini zikaFacebook, kodwa nakhona yinto efanayo ngoba nazo zinezindleko.
UKUDAYISWA KWEMINININGWANE
“Yebo imininingwane iyadayiswa kodwa akudayiswa ukuthi uwubani wakwabani, kodwa yizibalo nje ezisiza kakhulu osomabhizinisi uma befuna ukwethula umkhiqizo omusha ngoba ucwaningo obelungathatha isikhathi eside seluyashesha futhi uthola ukuthi uyakwazi ukwethula umkhiqizo omusha ngezinsuku ezinhlanu esikhundleni seminyaka emibili,” kusho yena.
URamutla uthe yena into ayigxekayo ngokusetshenziswa kwemininingwane yabantu ezinkundleni zokuxhumana eyokuthi abaqashi babheke ukuthi umuntu uziphatha kanjani kulezi zinkundla uma besuke befuna ukumqasha.
Uthe lokho kuwukugcwaneka okungenasidingo.
Ngokuqoqa imininingwane yakho nokubuka ukuthi wenzani ezinkundleni zokuxhumana noma uma ungena kwi-internet njengokuyobheka into ethize kuGoogle, lezi zinkampani zikwazi ukubona ukuthi yiziphi izinto ozithandayo.
Yingakho, uma singenza isibonelo ngoGoogle, uthola ukuthi uma mhlawumbe uke wavakashela i-website yenyuvesi ethize kwakhona umkhakha owubhekayo, uyaye uthi ngokuzayo uma ungenile khona noma mhlawumbe ukuFacebook, ubone sekuvela izikhangiso zamanyuvesi futhi asuke ekhuluma ngalowo mkhakha obuke wawubheka.
Yiyona ndlela futhi lena okuyaye uthi uma ukuFacebook ubone usuvezelwa “abantu ok-ngenzeka ukuthi uyabazi” enisuke ningebona abangani nabo.
BATHINI ONGOTI BOBUCHWEPHESHE
Ungoti wezobuchwepheshe uMnu u-Arthur Goldstuck, umsunguli weWorld Wide Worx, uthi empeleni ayikho into etheni ezokwenziwa wuWhatsApp okuwukuthi ayenzeki vele. Uhambe emagameni kaRamutla ngokuthi yiyona ndlela lezi zinkampani ezenza ngayo imali.
“Kunesisho sakudala esithi uma ungawukhokheli umkhiqizo kusuke kuwuwena uqobo umkhiqizo.”
U-Goldstuck uthe okuyihaba kulona lonke leli gidigidi wukuthi kuthiwe uWhatsApp usuzofunda imiyalezo abantu abathumelelana yona.
Nokho-ke uthe yena uyabagqugquzela abantu ukuba bajoyine uTelegram noSignal kodwa futhi wathi bangawushiyi unomphelo uWhatsApp ukuze bangavaleleki ngaphandle.
“U-Signal awuyiqoqi imininingwane yakho futhi awubadayiseli abakhangisi. NoTelegram uyafana kodwa asikho isiqiniseko sokuthi ngeke bakwenze ngelinye ilanga,” kugcizelela yena.
Elokugcina likaNkosi lithi ngeke babakhethele abantu ukuthi abasebenzise yiphi inkundla yokuxhumana kodwa bona abakuphokophele wukuthi abantu babenolwazi ukuthi basuke bevumani uma bezisebenzisa.
Uthe abantu abangajahi nje ukuvuma yonke into ngoba besuke befuna ukusebenzisa i-App, abay-bhekisise imigomo nemibandela ukuze uma kuphulwa umthetho weProtection of Personal Information Act bazi ukuthi bangakwazi ukufaka isikhalo kwi-Information Regulator.
IZIBALO ZEZINKUNDLA
ZOKUXHUMANA ENINGIZIMU AFRIKA ZIMI KANJE:
Facebook: 20m
Instagram: 4m
Twitter: 4m
LinkedIn: 7.7m
TiKTok: 5m
Snapchat: 2.1m
* Le mininingwane itholakale kwiNew Media
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.umbele.likhanyiletm.co.za