Kuhlongozwa umthetho wokujezisa abaqashi abafonela izisebenzi ezisekhefini

    320

    SIGUDLA NOGALAKAJANA: ABDUL MILAZI

    ABAQASHI nezimenenja abazenza sengathi kabazi ukuthi izisebenzi nazo zinempilo yazo ngaphandle kwetoho, maduze nje, bazozithola sebenyelezelwe yinja endlini.

    Kulezi zinsuku zomakhalekhukhwini nama-e-mail, umqashi noma imenenja, kabananazi
    ukukuthinta usushayisile noma uzidlela impelasonto nomndeni wakho, bekufuna lokhu nalokhuya okuphathelene nomsebenzi sengathi uphilela ukusebenza nje kuphela.

    Thina sasazi ukuthi abantu ababehleli besemsebenzini noma sebeshayisile, ngodokotela, abezicishamlilo nabasiza ezinhlekeleleni (emergency medical services). 

    Phela uma ukhethe lowo msebenzi, uhlala usetohweni – ubusuku nemini. Inkinga beyiba lapho uzithandela izinkamba zikaFalo. 

    Kwesinye isikhathi uzothola ucingo kanti usuziqhubela izimbuzi, wehluleka ngisho wukuma kodwa lokhu, kasisakhulumi-ke ngokuma ngonyawo olulodwa.

    Uma bekubizile waya – ngoba uthi ufisa ukusiza – besebekuzwa ukuthi ubushayile, wawuthola isexwayiso, kuthi uma wenze iphutha uvele uxoshwe. 

    Kukhona ababesaba ukusho ukuthi kabekho esimeni sokusebenza, bagcine sebezithola bephelelwa wumsebenzi. 

    Mina ngangizomtshela kahle nje umphathi wami ukuthi sengimnandi, ngakho ngeke ngiphumelele ukuya emsebenzini. 

    Phela enkontilekeni esayinwayo uma uqashwa, kakushiwo ukuthi ungaphuzi, kuthiwa nje ungatholakali udakiwe emsebenzini. 

    Unelungelo lokwenqaba ukuya emsebenzini uma ubuhlabile, ngisho noma sebeshoda kanjani. 

    Emsebenzini wobuntatheli nakhona bayakubiza – yize kungelona usuku lwakho lokusebenza – uma kwenzeka isehlakalo esikhulu, esidinga abamnkantshubomvu. 

    Bakukhipha ngisho usesontweni noma eshibhini usangcolisa itafula, uphakamela ozakwenu. 

    Ukhale umakhalekhukhwini uqeda ukukhokhela ikesi, umane ungazi noma ulibuyisele noma usale usushiya abangani bakho bezitika, ngoba vele ubuphakamela bona.

    Mina ngathi uma ngiqala ukusebenzela iphephandaba elaliphuma nsuku zonke, ngathola lo mhlola, ngamane ngangalufaka ucingo endlini. 

    Omakhalekhukhwini babengakabi khona ngaleyo minyaka, ngakho ngangithi uma ngishayisile, kwakube ngishayisile, abasemsebenzini bayongibona ngoMsombuluko.

    Befika omakhalekhukhwini, izinkampani eziningi zathengela zonke izintatheli ukuze phela zitholakale uma zidingeka. 

    Waphela kanjalo umbuso wempelasonto. Uma bekuthinta ungaphenduli noma uyicimile, wawuquliswa elibomvu, uthenji-swe nokuxoshwa.

    Kwakukhona insizwa esasisebenza nayo eyayingatholakali kulowo mnyama. 

    Yayivele ithi kuphele ilahle, kanti akyinawo ugesi lapho ihlala khona. Bathi uma bethi bayayephuca wona, yanqaba yama ngentaba, ithi nayo inelungelo ngoba phela zonke izintatheli zinikiwe. 

    Imenenja yachaza ukuthi umakhalekhukhwini ngowokuthi itholakale ngempelasonto, ngakho njengoba ingatholakali nje, kusho ukuthi kawunamsebenzi kuyo. 

    Yayinqaba nje le nsizwa ngoba phela yayifuna ukuchoma ngawo njengoba babengabaningi abantu ababenawo emalokishini. 

    Namuhla ukuthintwa ngumqashi usekhaya sekwenzeka kuzo zonke izimboni. 

    Kunabaphathi abakhekheleza isonto lonke bethi banemihlangano ibe ingekho, bese kuthi ngempelasonto umuntu akufonele ethi ufuna iriphothi obekungabe yenziwe phakathi nesonto. 

    Wena-ke usuzosebenza impelasonto yonke ukuze yena ayithumele abamphethe, esezenza umuntu osebenza ngokuzikha-ndla, athole namabhonasi angasukumi phansi. 

    E-Australia kuhlongozwa umthetho ozojezisa abaqashi abafonela izisebenzi ezisekhefini. 

    Kuthiwa uma isisebenzi sesishayisile, sesishayisile, uma kukhona obufisa ukusicela khona, lokho usuyokwenza uma sifika emsebenzini. 

    Uma lo mthetho uphasa kuleliya lizwe, namanye amazwe azoqala ukuwushaya, uze ufike eNingizimu Afrika. 

    Laba abahlongoza lo mthetho bathi ukwanda kwenkinga yabantu abahlukumezeke ngokomqondo (depression) kungenxa yokuthi abaqashi kabasasihloniphi isikhathi sezisebenzi sokuphumula. 

    Abanye abantu bagcina bezibulala nokuzibulala. 

    Awufike, siwulindele. 

    Previous articleKwexwayiswa amaqili azama ukungenela iComrades ngobugebengu
    Next articleBanikwe umphako wendlela abafundi abanqobe koweLANGA neBerea