NONHLAKANIPHO SHINGA
KUHLONISHWE amakhosi esifazane, omama besizwe nondlunkulu bamakhosi KwaZulu-Natal, bebongwa ngeqhaza abalibambile ekwakhiweni kwesizwe emcimbini obuseDonga La Boutique Hotel, eMnambithi ngoLwesihlanu.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngoku-Bambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, wethule inkulumo yokuhlonipha le nzalabantu.
Ondlunkulu abaningi bathe bayafisa ukuthi nabo balekelelwe yihhovisi likangqogqoshe emisebenzini abayenzayo ezizweni zabo.
Amakhosi abekhona akhulume ngezingqinamba abhekana nazo njengamakhosi esifazane, kodwa athi azoyibamba noma ngabe ishisa kangakanani.
“Siyabonga ehhovisi likangqongqoshe ngokusihlanganisa. Siyafisa ukukuveza ukuthi njengondlunkulu bamakhosi, sinezinhlelo esifisa ukusizwa kuzona.
“Emiphakathini yethu njengomama bezizwe, sibhekene nezinto eziningi eezigcina zisiholela ekutheni sisungule izinhlangano ezingenzi nzuzo, ukulekelela lapho singakwazi khona,” kusho uNdlunkulu Nolwazi Dlamini, uMaSibeko.
Baveze nokuthi bayafisa ukuba nezinhlelo zokukhuthaza imfundo njengoba kuvele ukuthi abanye bagogodile kwezemfundo.
Bavumelane ngazwi linye ukuthi ziningi izingqinamba ababhekana nazo njengoba kungelula ukuba ngondlunkulu, kepha lokhu bakuthatha njengobizo.
“Kakuyena noma ngubani ongakwazi ukuhlala kulezi zihlalo esikuzo, ngiyakholwa ukuthi kusuke kunobizo olukhona kuwe. Kunzima ukuba ngumama wesizwe njengoba kufanele seseke abayeni bethu emisebenzini yabo, nathi senze eyethu njengondlunkulu futhi sikhulise abantwana bethu nabesizwe,” kusho omunye wondlunkulu.
Emakhosini esifazane abezimasise lo mcimbi, bekukhona iNkosi Philisiwe Zondi, yiNkosi Sphephile Msibi neNkosi Nozipho Molefe.
Phakathi kondlunkulu bekukhona owakwaMkhwanazi, owaKwaMpukunyoni, eMtubatuba; owaseMabomvini, eBergville; owakwaDlamini, eHarding; owakwaJali, eMuziwabantu; owakwaHlongwane, eBergville; owakwaFodo (Dlamini), eHarding; owakwaHlabisa, eMkhanyakude; owakwaMkhize, eHowick nowakwaZondi eMsinga .
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za