Kuhlonishwe uLeleti Khumalo

552

NONHLAKANIPHO SHINGA

UHLONISHWE ngeqhaza lakhe kwezikaqedisungu umakadebona womlingisi, uLeleti Kumalo (osesithombeni), emcimbini iHero 2023, obuhlelwe yiGagasi 99.5FM, ngempelasonto. Lo mcimbi – okuklonyeliswa kuwona abesifazane ngeqhaza labo emikhakheni eyahlukene – besekungowesi-7 wenzeka.

“Njengabantu besifazane, kubalulekile ukuba sidlulisele okuhle komunye umuntu wesifazane. Noma ngabe unokuncane kangakanani, kodwa kubalulekile ukuba lokho onakho kubekhona owesifazane ozuzayo kukho. Ngiyabonga kakhulu kwabeGagasi 99.5FM ngalokhu abakwenze kimi. Mkhulu kakhulu umsebenzi eniwenzayo, kanti lesi siteshi sesingesinye zezihlonishwa kakhulu ngeqhaza laso kwezokusakaza. Indlela esenikhule ngayo, kawusakwazi ukukhuluma ngeKwaZulu-Natal, ungalibali iGagasi,” kusho yena.

ULeleti wethulwe ngumlingisi osemnkantshubomvu, uThembi “Thoko” Mtshali-Jones, othe kuningi kakhulu (uLeleti) adlule kukhona, kodwa wakwazi ukunqoba.
Umlingisi, uLinda Mtoba, ubengomunye wabebeyingxenye yalo mcimbi.

Kwabahlonishwe, kube nguBright Ngcobo emkhakheni we-creatice arts, uLumkah Fabbulas kwezokugcebeleka, nguMary Zulu kwezemidlalo, nguDkt Esihle Molomo kwi-science and technology, uJabu Mbhele kowe-big business professional noZwakele Dumakude kowe-enterprise.

Emkhakheni we-social entrepreneurship kube ngu-Ayanda no-Andile beTwins on Eyes, kowezemfundo kube nguNokulunga Malinga, kowezobuholi bomphakathi kube nguJoyce Msomi kwathi koweKZN ambassador kwaba nguHalima Khunoethe.

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Nomagugu Simelane, ubengesinye sezicukuthwane ebezihambele lo mcimbi.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleIzinyembezi kuMagudumana efaka esebheyili
Next articleBahlomisane ngolwazi kokaLady D