Kuhoxiswe amasosha akuleli asolwa ngocansi eCongo

280

BHEKI NDLOVANA

AKHWELE indiza ebuyayo amasosha awu-8 aseNingizimu Afrika abetshalwe eDemocratic Republic of Congo (DRC), ngokohlelo iUnited Nations Organization Stabilization Mission, ahoxiswe ngenxa yokungaziphathi kahle.

UMnyango wezokuVikela uqinisekise ngeSonto ukuthi unqume ukuwabuyisa la masosha asolwa ngokungaziphathi kahle nangezinye izinsolo ezithinta ukunukubeza ngokocansi. 

Kubikwa ukuthi iSouth African National Defence Force (SANDF), ithole umbiko we-United Nations (UN), oqukethe izinsolo ezibucayi ngala masosha. 

Ngokusho komnyango, i-UN ibike ukuthi mhla lulunye kwephezulu, la masosha abetshalwe eBeni, eCongo, aboshwe wuphiko lwamaphoyisa e-UN Military, ngokwephula imigomo ebekiwe ma-elana nesikhathi sokuhamba ebusuku, futhi aphula neminye imithetho eqondene nokunukubeza ngokocansi. 

Nokho umnyango uveze ukuthi kaweneme ngendlela i-UN elusingathe ngayo udaba, njengoba uthi wona kawuzange ubikelwe njengokwenqubo, kodwa indaba uyithole emithonjeni yabezindaba. 

bhekin@ilanganews.co.za

www.ilanganews.co.za

Previous articleKazi zingaki izingane eziphambana ezibhedlela ngenxa yamaphutha
Next articleUzonikela ngo-10% ebandleni lakhe uma ehlule uBig Zulu