THANDI ZONDI
KUJAME konke ngempilo yowesilisa osanda kuthola ukuthi “iwele” lakhe anomazisi onemininingwane efanayo nelayo, selishonile. UMnu Bonginkosi Khuzwayo (osesithombeni) (44) waseFolweni, eThekwini, uthi kunowesilisa obehlala eRichards Bay, enemininingwane kamazisi efanayo neyakhe. Uthi wathola ukuthi unewele emuva kokuba ethole umsebenzi, kwadingeka ukuba avule i-akhawunti yasebhange.
“Ebhange bathi senginayo i-akhawunti nabo, ngathi ngiyachaza ukuthi kanginayo, banginika iphepha eliwubufakazi. Okwakuxakile wukuthi ephepheni likamazisi, kwakungesiso isithombe sami. Uma ngiya emahhovisi oMnyango weza-seKhaya, ngayalelwa ukuba ngiqhubeke nokuwusebenzisa umazisi ngoba kawungidaleli zinkinga,” esho.
Uthi inkinga iqale ngesikhathi sekushone iwele lakhe ngoNcwaba (August) nonyaka. “Kuthe uma ngiyokhipha imali, yangaphuma. Ngangena ngaphakathi ebhange, bathi ngishonile. Ngawo uNcwaba kangiholanga, ngamiswa nasemsebenzini ngoba bethi mangilungise isimo engibhekene naso,” esho.
Uthi uyalelwe ukuba aye emaphoyiseni naseMnyangweni wezaseKhaya. “EMnyangweni wezaKhaya oseProspecton, eSiphingo kunobhuti obengisiza othe naye akasazi ukuthi usezongisiza kanjani, usehluleke wancama. Wanginika inombolo yasePretoria wathi ngifonele khona, manje le namba kayibanjwa, kangisazi ngenze nja-ni,” kusho uKhuzwayo.
Uthi emsebenzini babuye bambiza futhi, kodwa usebenzisa i-akhawunti yasebhange kadadewabo omncane ukuze ahole.
“Ngiyacabanga ukuthi njengoba kuzovotwa, ngeke ngikwazi ukuvota ngoba kunesikhathi lapho kwake kwathiwa khona sengivotile. Sengicela noma bangibize noma ngelinye igama ngoba kume yonke into nge-mpilo yami,” kuphetha yena. Isikhulu esiphezulu eMnyangweni wezaseKhaya eMngeni, uMnu Mbongeni Magagula, uyalele uKhuzwayo ukuba afake isicelo “sikavuka kwabafileyo” (Death But Alive) okuyiso esizomsiza ukuthola umazisi omusha.
tzondi@ilanganews.co.za