THANDI ZONDI
SIYENYUKA isabalo sabasakazi abashiya kwiGagasi FM njengoba beshiya ngokulandelana kulo msakazo. UHope Mbele ubethula uhlelo lwangeSonto, iSunday Chill (14:00 – 16:00) ungomunye wabasakazi asebeqoke ukushiya kulesi siteshi elandela uPenny Ntuli noKhaya Dladla nabo abasanda kuveza ukuthi bayashiya kulo msakazo.
Umthombo uveza ukuthi uHope wesule ngonyaka owedlule kulesi siteshi ngenxa yokuthi ubengasaneme ngempatho. “Bamnyusela umholo bemcela ukuba aqhubeke ahlale, kuze kube kuqala izinguquko zakulo nyaka,” kuchaza umthombo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kokuba ILANGA liveze ukuthi uPenny, uyashiya kulo msakazo ube esebhala isitatimende ekhasini lakhe lezokuxhumana ukuthi usilaxazelani lesi siteshi. Le ntokazi iveze ukuthi ibizohola uR711.98 ngohlelo, nokusho ukuthi ngenyanga ibizohola imali engacishe ilinganiselwe kuR2 800 ngenyanga, yathi le mali bekuzoba nzima ukuphila ngayo.
UKhaya obethula uhlelo lwantambama iGagasi FM Drive (15:00 -18:00) uthe inhlalo ibingasekho yinhle kulo msakazo abesechithe kuwo iminyaka ewu- 6 kuwona.
Umthombo uthi ukwenza eminye imisebenzi kuthathwa njengecala kulesi siteshi. Isikhathi esiningi abasakazi basichitha benza izinto ezingabaholeli kunalokho okubaholelayo, nokubalwa imihlangano eyinqwaba.
“UKhaya ujabule ngokushiya laphaya, ubengasafuni ukuba kwiGagasi ngoba ubesebenza ngaphansi kwenkulu ingcindezi,” kuchaza umthombo.
Lesi siteshi siphinde salahlekelwa nguDJ Lab, uHamzaa noFlymotion.
tzondi@ilanganews.co.za